Sekuyisikhathi sokuthi abantu bacabange kabanzi ngamaqembu abazowavotela ngo-2024

Njengoba sesibheke okhethweni lukazwelonke onyakeni ozayo ka 2024, sengathi wonke umuntu kumele aqale acabangisise kahle ukuthi ingabe iliphi iqembu lezepolitiki azolivotela.

Kanti ngaphambi kokuthi umuntu akhethe iqembu azolivotela kumele azinike isikhathi sokubhekisisa kahle umlando weqembu ikakhulukazi lawo asenesikhathi esiningi ekhona kanye nalawo aziwa ngokuba izikhondlakhondla, esingabala kuwo leli elibusayo le African National Congress (ANC) kulandele lawo aphikisayo okuyi Democratic Alliance (DA), Economic Freedom Party (EFF), Inkatha Freedom Party (IFP) Congress of People (COPE) African Christian Democratic Party (ACDP) kanye namanye asungulwe kamuva.

Kanti sisekuyo indaba yokucabanga ngamaqembu, ningakhohlwa futhi ukuthi abanye abaholi basungula amaqembu epolitiki ngoba bebona igebe elisuke lidalwe ilamaqembu amakhulu adumile, lapho imiphakathi isuke isibonakalisa ukungeneliseki ngenxa yokungagcini  izethembiso asuke ezenzile, bese bona labaholi abasha baqhamuke nezethembiso ezizobuyisa ithemba kubantu, yize noma bazi ukuthi nabo akukho okutheni abazokwenza.

Ngiyazi kulula kakhulu kumaqembu epolitiki ukuphuma umkhankaso wokuziveza kubantu ehambe ezincoma aphinde enze nezethembiso ezizwakala kamnandi emadlebeni abantu. Kodwa ebe azi kamhlophe ukuthi lezozethembiso zikude kakhulu neqiniso. Kunalokho azizamela nje indlela yokuhlala emandleni.

Ngakho ingcabha izosala kubona abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bake bazinike isikhathi sokucabangisisa kahle ukuthi ingabe ikuphi abakudingayo ezimpilweni zabo kanye nokuthi ingabe leloqembu abazolivotela linawo yini umlando omuhle wokusebenzisana kahle nomphakathi ezindaweni ezahlukene lapho ezinze khona.

Sengiphetha engifisa ukukushiya ezingqondweni zabantu. Kuzomele bazi ukuthi uma benze iphutha ngokukhetha iqembu elingeke lenze umehluko ezimpilweni zabo, lelophutha kuyomele balibekezelele kuze kuba kuphela eminye iminyaka emihlanu ngaphambi kokuthi bathole elinye ithuba lokulungisa iphutha labo.