THOBILE MBATHA
Ngokokuqala ngqa emlandweni, iSouth African Revenue Service (SARS) yeqe isamba sika-R2 trillion semali engenayo, kusho uKhomishana wakwaSARS u-Edward Kieswetter.
Ngokwesitatimende esithunyelwe abezindaba sithe”Isamba semali esiyiqoqile kulo nyaka engu-R2.068 trillion imele ukukhula unyaka nonyaka emalini engenayo engu-9.7%,”esho.
Ukhomishana ngesikhathi ememezela umphumela wokuqala wemali engenayo yonyaka wezimali ka-2022/23 ePitoli, uthe kulo nyaka wezimali ophele phakathi kwamabili zingama-31 Mashi, u-SARS uqoqe isamba semali engenayo engu-R1.687 trillion.
“Lokhu kumele unyaka nonyaka ukukhula ngo-7.86% noma u-R123 billion ngaphezu konyaka odlule uma kuqhathaniswa nokwanda kwe-GDP (GDP) cishe ngo-5.8%. Lokhu kusho ukuthi abakwaSARS sebeqoqe u-99.7% wenselelo ebekwe uNgqongqoshe wezeziMali esitatimendeni sakhe seSabelomali sikaFebhuwari,” kuphetha uKieswetter. SAnews.gov.za.