THOBILE MBATHA
Owesilisa uSamkelo Mbatha (21) ohlala eNtuzuma ucela usizo ukuze ahlanganise imali yokukhokhela inyuvesi njengoba ezogqoka imiyezane yakhe.
Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uthe, bengicela noma ubani ongaba namandla angisize kade ngifunda e-Unizulu Ongoye ngenza BA Industrial Sociology bengikweleta isikole imali engango R4800 ngazama ukuyihlanganisa ngagcina ngikwazile ukuyikhokha.
Manje kusele uR1350 okubi kusele izinsuku ezimbalwa njengoba ngi graduater mhlaka 20 Ephreli. Yikho okudala ngicele usizo ngoba akukho lapha ngisengayithola khona njengoba umcimbi ususondele, nginxusa noma ubani angisize. Ngingenza noma yini ukuyibuyisa ngoba ngiwumuntu okhanda amaphones, update software kanye namalaptop.
Ngiphinde ngikhande android Samsung, nokia keyboard, battery, screen kanye newindows update ngiyasiza nalapho ngicabanga ukuthi ngingenza noma yini ukuze ngithole lemali ukuze ngizibone ngigqoka imiyezane ngingabanjwa isikweletu. Kuphetha uSamkelo