Basebenzela umphakathi waseMpangeni abenhlangano iBhayilengane

THOBILE MBATHA

Basebenzela umphakathi waseMpangeni abenhlangano iBhayilengane NPO esiza lonke uhlobo lwabantu abahlwempu.

Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uMnu. Sikhanyiso Ngcobo ongumsunguli wayo uthe, Into eyangenza ngabona  ukuthi ngibe nento engiyenzela umphakathi wakithi ukubona kunosizi ikakhulukazi endaweni yangakithi lapha engihlala khona Empangeni Endlangubo (Emakhehle).

Ngonyaka odlule ngaqoka ukuba nento ezolekelela izingane ezizintandane ngama Uniform esikole kanye nabantu abadala abanganalo uxhaso lukahulumeni ngenxa yezimo ezithile ngibe sengikhetha ukubajabulisa ngama food parcels njengoba namanje ngisafisa ukusiza nangezimpahla zokugqoka nokusiza ekunakeleleni kwabahlwempu emphakathini basizakale. esho.

Akulula ukuwubona umphakathi uhlupheka kunogogo ababulawa indlala bakhulisa inqwaba yabazukulu yingakho sikhethe ukuthi sibanikelele ngokubambisana nomkhulu uNxele wakhona eNdlangubo naye onenhlangano engenzi inzuzo  ebizwa ngokuthi Khanyamsamo foundation sisiza izalukazi nabefolokazi.

Sifisa noma ubani ongathanda ukuselekelela kwesikuzamayo axhumane nathi kulenombolo: +27 82 077 9845