Indaba esematheni kulezinsuku egcwele ezinkundleni zokuxhumana, komabonakude nasemisakazweni, ilena yomlisa owaziwa ngo Thabo Bester nodume ngokuba umdlwenguli wakuFacebook kanye nombulali. Phela lomlisa imibiko ithi uyinswelaboya ngoba wabe eheha amantombazane kuFacebook ngelokuthi uzowatholela izinkontileka zokumodela.
UBester kubikwa ukuthi izisulu wabe ezidobela emahhotela okuyilapho wayezidlwengula khona nokwaphetha ngokuthi abulale esinye sezisulu. Lomlisa ke ugcine eboshiwe wagwetsha udilika jele ngenxa yalobugebengu bakhe.
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/04/tb.jpg)
Nakuba kukuningi okushiwo ngalomlisa kodwa thina siyi-KZN Namuhla sizogxila kulena yokuba nezinkulumo okanye imibiko eminingi kakhulu nedida ikhanda futhi ekwenza ushaywe inzululwane.
Okumangazayo ngalomlisa yilokhu okulandelayo:
- Kwezinye izithombe zakhe ubukeka enezinwele zomuntu (Afro) futhi enesikhumba esimnyama, kodwa kwesinye sokugcina okuyiso esivele ngesikhathi eseboshwa eTanzania ubukeka njengowomdabu waseNdiya.
- Uyindodana kamama thizeni owamzala emva kokuba wadlwengulwa indoda yomdabu waseNdiya angayazi noma eyabe ingumnikazi we Tuckshop.
- Umama kaBester wamzalela esibhedlela eBaragwanath, eGoli, kodwa akakaze amtholele isitifiketi sokuzalwa njengazozonke izingane.
- UBester ndini lona wafunda waze wafika kumatikuletsheni njengoba nesingisi esikhuluma kahle kodwa futhi engenaso isitifiketi sokuzalwa
- UBester lona kudume ukuthi unezimali ezishisiwe abezithola ngenxa yabo ubugebengu bakhe, ehamba yonke indawo ezenza usomabhizinisi.
- UBester uthe eseboshiwe wagwetshwa kodwa wakwazi ukuqhuba izifundo zakhe ze IT waze wanikwa ne Laptop computer engaphakathi ejele, ekubeni kuthiwa futhi wagcina kuGrade 5.
- UBester wakwazi ukuboshwa agwetshwe ngoba wathathwa ama finger prints, kodwa kanjani engenayo I (ID) umazisi phela.
Hhayi bo! Indaba yalomlisa wakwaBester sengathi izosishiya sidakiwe ukudideka angikaze ngimbone umuntu onezigigaba ezingaka.
Nawe mfundi sikuphosela inselelo yokuthi uveze owakho umbono.