Kwethulwe usonkontileka ozolungisa ibhuloho laseNtuzuma

THOBILE MBATHA

Kwethulwe usonkontileka ukulungisa ibhuloho eliseNhlungwane eNtuzuma, okwadaleka umgodi omkhulu ngesikhathi kugasela izikhukhula zango-Ephreli 2022.

Lo mgodi ususe omkhulu umsindo kumalungu omphakathi endaweni, emaqenjini ezepolitiki ahlukene nakubantu ezinkundleni zokuxhumana, emva kokuthi ngePhasika kukhalakathele kuwo imoto ebihamba uNksz Noxolo Mngadi (26), obefundisa esikoleni esiseRoodepoort eGoli, washonela khona lapho.

Ikhansela kuWard 54 uMnu. Themba Mngadi, obehambisana nesikhulu eMnyangweni wezokuThutha esifundazweni uMnu. Mlaba (esingenalo igama lakhe), emhlanganweni womphakathi obubanjelwe ngakuleli bhuloho mhlaka 11 Ephreli , bethule usonkontileka uMnu. Themba Khumalo, wenkampani Umphini Construction, okulindeleke ukuthi aqale ukusebenza maduze.

Yize abantu bebekuthakasele ukwethulelwa usonkontileka kodwa bathi zikhona ezinye izinkinga abafisa ukuthi zilungiswe endaweni ezinye ezidalwe yizikhukhula zanyakenye.