Ube impumelelo umcimbi wokwethulwa kwePlatinum Walk e-Oceans Malls

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Inxanxathela entsha yezitolo i-Oceans Mall eseMhlanga eThekwini ka-R1.3 billion, eyingxenye ka-R4.3 billion mixed Oceans Development, yethule iPlatinum Walk ngoLwesihlanu, ngomhlaka 14 April 2023 ebe umcimbi omkhulu.

Ngokubuka izivakashi ezingosaziwayo eNingizimu Afrika ebezihambele lomcimbi  kukubeka obala ukuthi lomcimbi bekungoweqophelo eliphezulu, kanti noZozibini Tunzi owayenguMiss Universe akasalanga njengoba bekunguyena umphathi wohlelo.

ISilo Samabandla uMisuzulu Zulu KaZwelithini ubengesinye isithameli salomcimbi. Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithi ukuba khona kweSilo kulomcimbi kuwubufakazi bokuthi intuthuko ibalulekile esifundazweni saKwaZulu-Natali.

Lo mcimbi ubuhanjelwe nayinqwaba yabantu abaqavile okubalwa kubo noNgqongqoshe woMnyango i-Works and Infrastructure of South Africa uMnu. Sihle Zikalala, usomabhizinisi uShauwn Mkhize, uSomizi Mhlongo oyi Media personality and Choreographer, noNdavi Nokeri onguMiss South Africa.

Ingxenye ye-Platinum Walk yenxanxathela yezitolo ithembisa ukuthi izodonsa kakhulu abantu abathanda imfashini, kanti zingu-12 izitolo zemfashini zamazwe ngamazwe ezitshale imali engaphezulu kuka-R300million ezitolo zabo. Lezi zitolo kubalwa kuzo iGucci, iDolce & Gabbana, iVersace, noJimmy Choo ukubala ezimbalwa, lokhu kuwuphawu lokwethemba i-Oceans Mall kanye neKZN.

Ukwethulwa kwePlatinum Walk e-Oceans Mall kube yimpumelelo enkulu futhi inkomba ecacile yokukhula kokubaluleka kwemboni yokudayisa eNingizimu Afrika.

Kudaleke amathuba emisebenzi angaphezulu kuka-3500 ngesikhathi kwakhiwa kanye nangu-1250 abantu abasebenza ngokugcwele kuyo.