THOBILE MBATHA
Udidekile akasazi ukuthi kumele enzenjani owesilisa waseSavannah Park osekuphele izinyanga elinde impesheni yakhe kwaSouth African Social Security Agency (Sassa).
UMnu. Sipho Makhaye (63) kuthiwa wathola ukuthi kunomuntu onemininingwane efana neyakhe ngesikhathi eyofaka isicelo sempesheni yobudala. Akathandanga ukuthathwa isithombe ngoba esaba ukuthi angase ahlaselwe.
“Ngatshelwa ukuthi kunomuntu ohola impesheni onemininingwane efana neyami. Ngayalelwa ukuthi angibhale isitatimende esifungelwe emaphoyiseni esichaza konke ngami. Ngaphinde ngayalelwa ukuthi kufanele ngiye emahhovisi oMnyango wezaseKhaya aseNdwedwe ukuze ngilungise udaba lwami. Ngaya nakhona ngathathwa izithupha kwathiwa udaba lwami luzolungiswa. Ngabuyela emahhovisi akwaSassa eChatsworth nakhona bathi bazolulungisa udaba lwami,” kuchaza uMakhaye.
Uthe ngoFebhuwari udaba lwakhe lwabhaliswa ngokusemthethweni kwaSassa eChatsworth kwathiwa uzoyithola impesheni yakhe ngo-Ephreli. Kuthe uma sekuqala ukuholwa izibonelelo zabadala naye walinda ukuthi uzosithola esakhe kodwa lutho. Ubuyele emahhovisi akwaSassa eChatsworth lapho etshelwe khona ukuthi isibonelelo sakhe singene kumuntu onemininingwane efana neyakhe.
“Angisazi ukuthi kufanele ngenzenjani ngoba ngikwenzile konke obekuthiwe angikwenze kodwa namanje imali yami angiyitholi. Ngiyafisa ukuthi kungenelele abaphethe kwaSassa ukuze ngisizakale” kusho uMakhaye.