UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uZizi Kodwa, wethule umkhankaso weNdebe Yomhlaba yebhola lomqakiswano ka-2023 (#2023NWC) ngomhlaka 14 Ephreli 2023, enkundleni yezemidlalo iMehlareng , eTembisa okuhloswe ngawo ukugqugquzela nokuhlanganisa abantu baseNingizimu Afrika ukuba balandele iqembu lesizwe le-netball, i-SPAR Proteas.
Ngokubambisana phakathi koMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko, amaSiko nokuNgcebeleka waseGauteng; uMasipala weDolobha lase-Ekurhuleni kanye ne-Netball South Africa bethule lo mkhankaso njengengxenye yemisebenzi yokuthuthukisa iNdebe Yomhlaba yebhola lomnqakiswano yowezi-2023 ehlelelwe ukuba seKapa kusukela ngomhlaka 28 July kuya ngomhlaka 06 Agasti 2023.
Lo mcimbi ubuhanjelwe osaziwayo abahlukene, abadlali be-netball, amanxusa e-netball Friday, izihlabani zomculo nabaxhasi. Imidlalo ebikhona ukuqhuba usuku ihlanganisa imidlalo ye-netball, imiqhudelwano yokudubula, ibhola lezinyawo , i-giant puzzle, mini cricket, try pin, shadow boxing, imidlalo ye-4IR.
UKodwa ujoyinwe yiPhini likaNgqongqoshe uNocawe Mafu, uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko, amaSiko nokuNgcebeleka eGauteng uMorakane Mosupyoe kanye noMengameli weNetball eNingizimu Afrika uCecelia Molokwane. Amasango avulwe ngo-10 ekuseni oDJ abehlukene badlala umculo ukujabulisa izihambeli kwase kulandela imidlalo eyahlukene ebiswekwe yizinhlaka zomnyango okubalwa kuzo iSport for Social Change Network neLove Life. – SAnews.gov.za