UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo uthi uzoziqeda izindlu zangasese zemigodi

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UNgqongoshe wezeMfundo eyisiSekelo (DBE) u-Angie Motshekga uthe umnyango usalele emuva ngokuqeda izindlu zangasese eziyimigodi ezikoleni, ekhuluma esithangamini nabezindaba mayelana nengqalasizinda yezikole. UMotshekga uthe zingaphezu kuka-800 izikole zikahulumeni ezweni lonke ezisasebenzisa amathoyilethi omgodi.

UNgqongqoshe uqinisekise umphakathi ukuthi uMnyango usebenza ubusuku nemini ukwakha ingqalasizinda efanele ezikoleni zakuleli, futhi uzibophezele ekuqedeni izindlu zangasese zomgodi ngo-2025.

 “Ngesikhathi siqala uhlelo lwe-SAFE sahlonza izikole ezingaphezu kuka-3 000 ezihlonzwe yizifundazwe ezidinga ukuthuthukiswa kwengqalasizinda,” usho kanje.

Ezikolweni ezingu-3 898 ezisohlwini lohlelo, zingu-969 izikole ezahlolwa kwatholakala ukuthi zinezindlu zangasese ezanele, kanti ezinye ezingu-126 kwatholakala ukuthi zivaliwe.

Uhlelo lokukhucululwa kwendle olufanele imfundo (Safe) lwaqalwa umengameli ngo-2018 futhi okwakuhloswe ukuthi luthathe iminyaka emibili. Inhloso yalo kwakuwukushintsha izindlu zangasese zomgodi.

“Ngesikhathi umengameli ethula lolu hlelo waphinde wahlanganisa osomabhizinisi ukuthi beseke uhulumeni. Sibabele izikole ezingu-184, kuze kube yimanje zingu-117 eseziphothuliwe umsebenzi uyaqhubeka,” kusho uNkk Motshekga.