Unompempe u-Akhona Makalima uthi abadlali bePSL bayamuhlonipha, ngabe uqamba amanga uma engathi kukhona oseke wamenza wazizwa engingakhululekile. Ngesikhathi evakashele isiteshi somsakazo iMetro FM ohlelweni oluphathwa u-Andile Ncube uveze ukuthi omunye umqeqeshi wake wathi kufanele engabe usemakhishini kodwa lokho wakuthatha njengehlaya kanti nomqeqeshi wabuye waxolisa.
“Ngangingumdlali webhola osezingeni eliphezulu, bengidlala kwesokunxele nakwesokudla emuva kodwa umama akakaze angeseke ngoba ecabanga ukuthi ngizoba i-Tomboy. Ekhaya sikhuliswe ngalomqondo wokuthi amantombazane kufanele ahlanze izitsha nabafana kumele bawashe izimoto.
“Bengizilimaza ngoba ngifuna ukubukeka ngenye indlela ngelinye ilanga ngazibuka esibukweni ngazitshela ukuthi lokhu akusiyo lento engiyiyo. Ngesinye isikhathi, ngaba nomuzwa wokuthi mhlawumbe indlela engibukeka ngayo iphazamisa ukukhula kwami ngazama ukuncipha futhi kodwa ngabona ukuthi sengilahlekelwa nawubumina uqobo,”esho kwi Metro.
Uqhube wathi umzimba usuka nawo kwaSAB waya kwi PSL, iCAF neFIFA futhi uqhuba kahle. Uphinde waqinisekise ukuthi imingcele washeshe wayakha ngoba efuna ukuphathwa ngendlela efanayo nabanye onompempe.
“Nganginovalo ngaphambi komdlalo wami wokuqala wePSL, ngafonela umama ngamcela ukuthi sithandaze. Uma abantu bephonsa imibono engalungile kuwe ngezinye izikhathi uqala ukukholelwa. Bengicabanga ukuthi uma ngingenzi kahle ngobe sengivalela umnyango abanye besifazane kanti ngangazi ukuthi uma ngenza kahle, ngizobe ngikwenzela bonke abantu besifazane.”
“Ngishintsha lapho kushintsha khona abanye onompempe awekho amagumbi ahlukene abesilisa nabesifazane kodwa ngibe sengiya kolunye uhlangothi.” Kuphetha u-Akhona kwi-SportsNightAmplified with Andile Ncube.