Isiqinisekisiwe imininingwane ye-Nedbank Cup semi-finals

SAMUKELISIWE MBONAMBI

INedbank Cup isiyiqinisekisile imininingwane mayelana nezinsuku, izindawo kanye nezikhathi zemidlalo yeNedbank Cup Semi-finals ezodlala ngenyanga ezayo. Lamaqembu azodlala kulesigaba esilandelayo somqhudelwano  aqhathwe kade kuphela umdlalo obuphakathi kweKaizer Chiefs kanye neRoyal AM owawuse kundleni yezemidlalo iChatsworth Stadium. iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates izobhekana nomunye kowandulela owamanqamu, mase kuthi iStellenbosch FC sona sitholane phezulu neSekhukhune United noma ngubani owinile uzodlala owamanqamu okokuqala ngqa emdlalweni weStellenbosch neSekhukhune.

Umdlalo ozobe uphakathi kwezinkunzi zaseSoweto odume kakhulu ngele Soweto Derby uzoba ngomhlaka 6 May enkundleni yezemidlalo iFNB Stadium ngo 15:00 ntambama. Umdlalo weStellenbosch FC neSekhukhune United uzodlalelwa eDanie Craven Stadium ngeSonto, ngomhlaka 7 May ngo-18:00 ntambama.

Ngokwesitatimende esikhishwe yiPSL mayelana namathikithi besithi amathikithi azodayiswa ezitolo zakwaTicketPro ezweni lonke kulezi zitolo kubalwa uSpar, BP, Caltex, Sasol, Shell, neTotal kanti ithikithi leSoweto derby lizobiza uR100 ngalinye.