SAMUKELISIWE MBONAMBI
UPriscilla Masisi, onguMqondisi womqhudelwano weNdebe yoMhlaba yenetball ka2023 ucele abalandeli be-Netball nezakhamuzi zakuleli ukuthi baqhubeke nokuthenga amathikithi alo mqhudelwano osusondele.
Ngesonto eledlule bekunemicimbi yokugubha izinsuku ezingu-100 ngaphambi kokuthi lo mqhudelwao uqale eCape Town International Convention Centre, eKapa, lapho kuzodlalelwa khona yonke imidlalo kusukela ngoJulayi 28 kuya ku-Agasti 6.
Kuzobe kungokokuqala ukuthi lomqhudelwano udlalelwe ezwenikazi i-Afrika.INingizimu Afrika yanikwa igunya lokusingatha lomqhudelwano ozoba namazwe angu-16 ngo-2019, ngemuva kowawuse-England, edolobheni iLiverpool.
“Siyazethemba ukuthi sikulungele ukusingatha lo mqhudelwano wamazwe ngamazwe kusukela ngoJulayi kuya ku-Agasti, ngakho-ke sikhuthaza bonke abalandeli ukuthi bathenge amathikithi abo ukuze bahambele le Ndebe yoMhlaba ye-Netball ezodlalelwa e-Afrika okokuqala ngqa.” Kusho uMasisi.
Amathikithi adayiswa kwi-website esemthethweni yalo mqhudelwano, i-www.nwc2023.org.za kanti aqala ku-R500.
ISPAR Proteas, izoqala imidlalo yamaqoqo kuPool C lapho iqhathwe khona neJamaica, Wales neSri Lanka.
KuPool A kune-Australia, Tonga, Zimbabwe neFiji, kuPool B kufakwe i-England, Malawi, Scotland neBarbados bese iNew Zealand, Uganda, Trinidad and Tobago neSingapore bedudulana kuPool D.