SAMUKELISIWE MBONAMBI
Izinhlangano ezingenzi nzuzo nosomabhizinisi abancane abasafufusa abangaphezu kuka-107 bathole uxhaso lukaR5.6 million ohlelweni iGrant-In-Aid lophiko iCommunity Participation and Action Support okuwuphiko olungaphansi kukaMasipala weTheku. IMeya uKhansela uMxolisi Kaunda, ikhuluma nabahlomule kulolu hlelo emcimbini wokunikezelwa koxhaso esikoleni eBhekokuhle Primary eDassenhoek, kuwadi 14, ithe lolu hlelo lusiza amabhizinisi ukuthi akhule. Ithe ukuxhasa osomabhizinisi abancane kubalulekile njengoba befaka isandla emnothweni weDolobha nasekwakheni amathuba omsebenzi.
“Njengoba izwe lilwa nokwentuleka kwemisebenzi, uhlelo iGrant-In-Aid luyingxenye yemizamo yeDolobha yokuqinisa ubudlelwano namabhizinisi amancane,”kusho iMeya.
Iphawula ngezicelo zoxhaso lweGrant-In-Aid ezamukeliwe, iMeya uKaunda ithe zingaphezu kuka-500 izicelo ezamukeliwe zoxhaso olusukela kuR40 000 kuya kuR150 000.
“Ukuze siqinisekise ukuthi sisiza osomabhizinisi nezinhlangano eziningi, sisebenzise uR5.6 million esiwabelwe ukusiza, abahlomulile abawu-107,” ephetha inkulumo yakhe
INhloko yophiko iCommunity Participation and Action Support uMnu. Vincent Cebekhulu ithe iningi lalezi zinhlangano ezingenzi nzuzo lihamba phambili ekusizeni imiphakathi. “Baqhuba umsebenzi kahulumeni, ngakho sizoqhubeka nokubasiza lapho sikwazi khona njengoba benza umehluko ezimpilweni zabantu, Kubeka uCebekhulu.