Ngiyabingelela sizwe sakithi, nginibhalele loludaba lokuniqwashisa ngento engehlela noma ubani kulomhlaba, Ukucindezeleka ngokomqondo (Depression). Sizwe sakithi ameva awalingani futhi awafani kodwa wonke ayahlaba futhi ukuzwela komzimba kuya ngobuthaka bomzimba obungalingani futhi obungafani. Into oyibona ingasho lutho kuwena noma incane kuwena ingamlimaza omunye imfake kulesosimo sokucindezeleka. Masikufundeni ukuzwelana ubuhlungu, uma kunento oyenza komunye ekwazisa ukuthi ayimphathi kahle noma iyamlimaza yiyeke ungazami nokuchaza ngoba usungagcina umfake esimeni sokucindezeleka ngokomqondo. Masikuqaphele ukukhala kwabanye ngoba akekho okhalayo kungekho lutho olumphethe kabi, into ungayibona incane kuwe kanti komunye inkulu futhi iyamlimaza. Masizifundise ukunakekelana singabantu
Obhalayo Umfundisi Katlego Nare