![Bashise iloli ebelithwele izimoto befuna ugesi](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/05/CHST-600x400.jpg)
Bashise iloli ebelithwele izimoto befuna ugesi
Izakhamuzi zase Chesterville zivuke umbhejazane zashisa amathayi emgwaqeni u N2 Spagghetti Junction onguthelawayeka ngomsombuluko ntambama
Izakhamuzi zase Chesterville zivuke umbhejazane zashisa amathayi emgwaqeni u N2 Spagghetti Junction onguthelawayeka ngomsombuluko ntambama
ETHEKWINI – Iqalile imidlalo ye World Table Tennis Championship Finals e ICC EThekwini. INingizimu Africa ivule ngomdlalo wokuqala obuphakathi kuka Musfiquh Kalam (21) wase Peutro Rico, kanye no Melanie Diaz (27) oyintokazi yase South Africa ebithwele kanzima kulomdlalo yize kukhona iziwombe lapho ibiqale kahle kakhulu khona ngoba ikhombise umdlandla omkhulu.
I KZN Namuhla ibambisene ne Fellaz Groove Entertainment baqhuba umkhankaso womunika abaculi inkundla yokuzibonakalisa njalo ngoLwesihlanu e Workshop ohlelweni abalubiza nge Open Mic Friday.
UMsizi Mvune (26) owenza umculo weGqom ongokwokudabuka endaweni yase Fakazi kodwa ngokomsebenzi utholakala eStanger.
Kuhlokome izinkundla zokuxhumana osaziwayo abadume kakhulu kwindima kamaskandi bencokola bebuyisana njengoba kwakunezinsolo zokuba inkuku nempaka
Ukulungisa izinkinga zokuvaleka kwamapayipi okuhambisa indle abasebenzi bakaMasipala weTheku sebeqale uhlelo lokusebenzisa itechnology ukuze bahlole ukuthi ngabe ukuphi umonakalo.
Abasebenzi bakaMasipala weTheku bebe phansi phezulu beqhuba umkhankaso we-Operation Good Hope omayelana nokulungisa izinto ezingekho esimeni esifanele kanye nalezo ezisuke zingasasebenzi kahle ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kungaphazamiseki ukulethwa kwezidingo kubantu.
Ezinyangeni ezedlule uSASSA ube nomkhankaso lapho ebasazisa khona abahlomuli bezibonelelo abasebenzisa amakhadi asaGolide abephelelwa isikhathi ngenyanga kaApril, May no June 2023 ukuba baphuthume bayoshintsha amakhadi ukuze bathole amakhadi amasha.
Bekuqhibuka izihlathi ebhulakufesini ebelihlelwe yiTKZN nomasipala waseThekwini kwi-Africa Tourism Indaba 2023. Isizathu salenjabulo bekungukuthi izithelo zokubambisana kwizinxa zikahulumeni, ezamabhizinisi kanye ezokuvakasha ziqale ukuthela izithelo. Kube nezingxoxo ebezikhuluma ngamasu okubuyisela izimakethe zamazwe ngamazwe.
UMasipala weTheku ungakuqinisekisa ukuthi ngemuva kokuba ube nezingxoxo no-Eskom, usubuyekeziwe umthelela weDolobha ohlelweni lokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.