KUTHUTHUKISWA ITABLE TENNIS EZIKOLENI ZASEMALOKISHINI

THAMI SHESHANE

I Table Tennis Board kanye ne KZN Department of Sport e Royal Hotel kube nesifundo nge Table Tennis kanti kuvelile ukuthi I South Africa iqalile ukulungisa ama Champions akusasa.

“Sibheke kakhulu ezikoleni emalokishini afana no Mlazi, Inanda, Chatsworth, kwaMashu nase Phoenix, lapho siqale khona umdlalo wama Juniors, kusukela ku Under 11 kuya ku 19 njengoba nangempelasonto sinemidlalo ehleliwe.” Kusho u Craig Meyer ophethe ezokuxhumana nabezindaba emncintiswaneni Womhlaba we Table Tennis ka 2023 eThekwini, phecelezi: Communications Director for the 2023 Table Tennis World Championships in Durban

U Craig uthe benze ngayoyonke indlela ukuthi njengoba lomdlalo izobanjelwa e South Africa ukuthi yonke into iveza usiko lwasemzansi kusukela kwilogo kuya kwiculo lale World Cup kanti ukucacisile ukuthi bazophumelela ukuzuza lokhu abafuna ukukubona ngempumelelo.

I KwaZulu-Natal inyelwe yinyoni esandleni kulandela ithuba eliyingqayizivele lokuba yikhaya le World Table – Tennis Final. Selithelekile ithimba lalomdlalo owaqala ukudlalwa eminyakeni engaphezulu kwamakhulu amabili ngemuva kokuthi u David Foster ngonyaka we 1890. 

Lomdlalo wawudlalwa ngokhokho weshampeni owawuyibhola kanye namabhokisi ama “cigar” ayesebenziswa njengama bat abantu kuthiwa babewubuka njengento yabadla izambane likapondo.

Kuthe ngo 1890 e Hungary kwaba nomqhudelwano  walomdlalo, ngo 1901 u James Gibb wathenga amabhola ayezokhipha ukhokho weshampeni, ngo 1902 owaziwa ngo E. C Gibbs waqala wathenga ama bat ayene rubber ekwaqalwa ukudlalwa ngawo kwaze kwaqala ngomqhudelwano womhlaba owawaziwa nge World Table Tennis e London.

Ngama 1950s liqalile isasasa lawo nokusabalala emazweni ase Asia. I Japan iyona ebiyizingqwele kusukela ngo 1954 kuya ku 1959. Ngama 1960s isikole i China yathi yona ngeke ihlulwe yi Japan, yaqala yakhiqiza oshampeni indlela ivulwa u Zhuand Zedong owabamba izicoco kathathu ngo 1961, 63 no 65 kwabe sekuwukuthungeka kwe Table Tennis eyayaziwa nge Ping Pong.

Ngo 1988 ibe ngumdlalo odlalwayo kuma Olympics, indondo yokuqala yegolide yanqotshwa ngowesifazane wase Korea, u Yoo Nam Kyu. Ngo 1996 iqalile ukusabalala ikakhulukazi e Asia. I Table Tennis inkulu cishe ngaphezu kwebhola lezinyawo njengoba I Table Tennis Federation inamazwe angu 200 noma ngaphezulu kanye nama Members angu 33 Million. Ngo 2005 babebalelwa ku 260 Million abadlali be Table Tennis uwodwa. I China, Korea ne Japan ayiziqhwaga zalomqhudelwano kanti kunethemba lokuthi iTheku lizoba ngukuqala kokukhula kwalomqhudelwano e Afrika kwazise uMnyango wezemidlalo, IWorld Table Tennis, uMasipala weTheku nezinye izinhlaka zalomdlalo omkhulukazi ziqalile ukufundisa ngaso eThekwini nekuzobanjelwa kuyo indebe yoMhlaba yawo lomqhudelwano.

I Table Tennis inemithetho emihlanu kuphela:

– Izandla azibekwa etafuleni uma ibhola lisetafuleni lishaywa nge bat, ukulithinta ngesandla kungukulahleka kwephuzu.

– Ibhola kumele uliphakamise ibanga elingama 15mm uma ulisusa (Serve) futh akumele ibhola lakho uliphonse noma ikanjani noma libe yi spin.

– Uma ngabe ususa ibhola bese lishaya I net kathathu ulahlekelwa yophuzu, kanti uma lishaya I net uqala phansi u lisuse.

– Uma uzosusa ibhola kumele uliphakamise libonwe ngodlala naye kanye nonompempe ukuthi liyangakuphi.

– imibala yamarabha ama bat emnyama nebomvu iyona esebenzayo nelekelela odlala naye nonompempe ukuthi baqagule ukuthi bangalindelani.

UMphakathi waseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abakhelene neTheku basanxuswa ukuthi bagcwalise I ICC bathenge ama tickets okuyobuka I Table Tennis World Cup. Likhona ithemba lempumelelo ngalomqhudelwano njengoba I KwaZulu- Natal yaziwa kakhulu ngokugcwalisa izinkondlo zemidlalo ikakhulukazi eThekwini.

Lemidlalo izoqala ngamhla zingama 20 kuya zingu 28 ku May 2023.