UMalema uthi uzimisele  ukwamukela u Zuma kwi EFF

ISITHOMBE: Sithathwe ku Internet

CAPE TOWN – UMongameli we EFF u Mnu Julius Malema uthi ulindele owayenguMongameli wase South Africa u Mnu Jacob Zuma ukuthi azibandakanye neqembu lakhe ngemuva kokuthi okhulumela iJacob Zuma Foundation, u Mnu Mzwanele Manyi elaxaza i ATM ejoyina iEFF.

 UMalema uthe iEFF iyikhaya elihlomelelisa izimilo ngakho iEFF iyikhaya elimfanele u Manyi. UManyi ku Twitter uthe ujoyina leliqembu nje, yingoba ufuna ukuthi naye abe yingxenye yokukhululwa kwabantu base Ningizimu Afrika ebugqileni bese ekhulula nemiphakathi eZweni eseliphelelwe ithemba lobuholi akholwa ukuthi I EFF ingenza kangcono ekubuyiseni ithemba.

UMalema wemukele lesikhulu eqenjini wase etshena abezindaba ukuthi ulindele u Mnu Jacob Zuma ukuthi naye ajoyinei I EFF

“Ngijoyina iqembu le EFF njengelunga, ngiqala ezansi, sizobona ukuthi ngizophelelaphi.” Kusho u Manyi. 

UMalema uthe I EFF iyakhula, futhi yilona kuphela iqembu elingajoyinwa ngabantu abamnyama abazithandayo nabazikhathalele.

“Ngiyethemba ukuthi kungekudala sizobe samukela u Mnu Jacob Zuma kanti nanoma ngubani ofuna ukujoyina  I EFF wamukelekile”. Kuphetha uMalema