SHEILA MHLONGO
Lowo owabe engumsakazi woKhozi FM uMnu Ngizwe Mchunu ubambe umoya ngesinqumo esiyophuma mhlazane ebuyela enkantolo yase Randburg eGoli, ngomhlaka 25 Meyi. Lokhu kuza emuva kokuthi uNgizwe ezwakale ekhuluma ekhasini lakhe mayelana nokungasethembi isinqumo esiyothathwa iJaji ngoba kungenzeka nje amadoda athile ahlangane amcindezele ukuze ligcine ngokumthetha.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNgizwe usolwa ngecala lokugqugquzela udlame emphakathini nokwephula imithetho eyayivimbela abantu ukuba bangahlangani ukugwema ukusabalala kwegciwane leCovid-19, okwenzeka ngeyanga kaJulayi 2021, lapho abantu babezitapela izimpahla ezitolo baphinde bacekela phansi impahla.
Ngaphandle kwenkantolo kubonakale abalandeli bakhe abebevunule bezomeseka behaya iziqubulo kanye nezingoma ezinenhlamba njengokujwayelekile iChunu inhlamba ihlale isolimini lwayo.