THAMI SHESHANE
AmaZulu FC asazoqhubeka nokulolongwa ngu Ayanda Dlamini othathe izintambo ngemuva kokuthi leliqembu laKwaZulu- Natal lixoshe loyo obengumqeqeshi wayo u Folz ngenxa yokuphikwa yimiphumela.
Engxoxweni uZungu abenayo nesiteshi somsakazo ukhombise ukuthi bamethemba kakhulu u Ayanda Dlamini kanye no Siboniso Vilakazi ababambe izintambo.
Ephendula amahlebezi okubandakanyiswa kwaleliqembu no Manqoba Mnqithi owake waliqeqesha, u Sandile Zungu, onguSihlalo waleliqembu uthe yize noma lomqeqeshi embukela phezulu kodwa kuzomele kuhlonishwe iqembu lakhe I Mamelodi Sundowns okuyiyona anekontileka nayo.
“Sigqugquzele u Ayanda (Dlamini) ukusebenzisa lesikhathi azibonakalise ukuthi yini abangayenza nephini lakhe ukuze uma sifuna umqeqeshi sizobheka nakubona ngoba siyabahlonipha, akekho uMqeqeshi esesimnxenxile singaMaZulu FC.” Usho kanje.
UMnqithi umataniswa noSuthu nje uke walulolonga ngaphambilini, lase luphicwa Iyi Mamelodi Sundowns iqatha emlonyeni lomqeqeshi imqasha ngo 2014, selokhu ajoyina I Sundowns, u Mnqithi usewole cishe zonke izindebe ezikhona kubalwa neye CAF Champions League.