Abazali base KZN banxuswa ukuthi babhalisele izingane zabo unyaka ka 2024

SHEILA MHLONGO
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natali unxusa bonke abazali kanye nababheki bezingane ukuthi baphuthume ukubhalisela izingane zabo ukufunda onyakeni ozayo ka 2024.Lokhu kuza emuva kokuthi ukubhalisa kuqale ngomhlaka 12 Ephreli 2023, kanti kuzovalwa ngomhlaka 30 Septhemba 2023.
Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba sithi uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natali uNksz. Mbali Frazer ethe abafundi abafanele ukubhalisa ilabo abenza amabanga 1 kanye no 8.Kanti labo abafuna ukufudukisela izingane zabo kwezinye izikole nakubo lesi isikhathi esihle ukuthi baqale babhalise kusukela manje njengoba kusavuliwe.
“Uma sekuvaliwe ukubhalisa, uMnyango uyokwamukela kuphela lezo zingane abazali bazo abayobe befudukiswe abaqashi babo ngokomsebenzi, kusukela ngomhlaka 1 October 2023 kuya phambili, kodwa futhi komele bakhombise ubufakazi balokho”.kuchaza uNgqongqoshe uFrazer.
“UMnyango uyophinde wamukele izicelo zezingane okuyobe zinezizathu zokulahlekelwa abazali noma abagadi bazo bese kuba nesidingo sokuthi zifudukele kwezinye izikole” . kuchaza uFrazer.
Ephetha uFraze uthe empeleni olayini abade bokubhalisa izingane badalwa abazali abasuke befuna ukubhalisa izingane zabo nakuba sekwedlule isikhathi esibekiwe, futhi nezikole sezigcwele kakhulu. – SAnews.gov.za