THAMI SHESHANE
Umnyango wezeMfundo usukhiphe isitatimende ngolwesithathu olwedlule esithi uzovala izikole ezingamashumi ayisishiyagalolunye (900) ngenxa yokugqoza kwabafundi. UNkosinathi Ngcobo oyinNhloko yomnyango uthi balandela umgomo wokuvala izikole ezinabafundi abangaphansi kuka 135 emabangeni aphansi, kanti kuma Secondary School kuzovalwa ezinabafundi abangaphansi kuka 200, ezithathwa njengezikole ezingenzi kahle kanti zilinganiselwa kwi nkulungwane (1000) izikole ezingenzi kahle ngezinamba zabafundi ezweni lonke jikelele.
UMapholoba uthi esinye isizathu sokwehla kwabafundi ezikoleni kwenziwa ngukuthi ezinye zakhiwe emhlabeni onabanikazi, ongalawulwa ngumasipala kanti abanye abanikazi bomhlaba bayenqaba ukunika umnyango imvume kanti abanye bayabaxosha abafundi. Uqhube wathi izikole ezizothinteka sezazisiwe ngumnyango nemihlangano isihleliwe phakathi komnyango neziphathimandla zalezi zikole ukuze kutholakale indlela yokuhambisa abafundi kwezinye izikole kuhlelwe nosizo lwezinto ezizobathutha ukubahambisa nokubabuyisa ezikoleni uma kunesidingo.
“Akekho umfundi ozongabi nothisha egumbini lokufundela ngesikhathi sokufunda futhi akekho umfundi ozophoqwa ukuthi ahlale ekhaya ngenxa yokuvalwa kwezikole. Othisha abathintekayo ekuvalweni kwezikole bazohanjiswa kwezinye izikole.” Kuphetha UNgcobo.
Lomnyango ngomlomo wenhloko yawo uthe impahla nefenisha yalezikole izohlukaniselwa ezinye izikole bese izakhiwo zinikwe umnyango wezemisebenzi zisetshenziswe ngengezindawo zokucija amakhono nokwakha amathuba emisebenzi.