Okhubazekile akathokozile ngezinhlangano ezimele abakhubazekile

U Sbo Sishi wase Nanda okhubazeke ngokungezwa emadlebeni ukhala ngokuvalelwa ngaphandle kwabantu abakhubazekile abaneminyaka engaphezu kwengamashumi amathathu (35) nanhlanu nguhulumeni nabaqashi.
Lentokazi ithi yaqala ukungezwa emadlebeni isafunda uMatikuletsheni (matric) ngonyaka ka 2002.
“Ngicabanga ukuthi lokhu kwase kungukuphela kwekusasa lami ngoba angikwazanga ukuqeda umatikuletsheni wami. Ngavaleka amadlebe ngingazi nokuthi ngumuntu onjan’ obizwa nge “Deaf” kanye nosikompilo lwakhona. Ngazama ukuqhubeka nesikole kodwa kwabanzima ngoba akekho owayengiqonda ngase ngingaziqondi nami uqobo. Kodwa ke ngalesosikhathi ngayithola i Learnership eyangilekelela ukuthola umsebenzi saze sadilizwa ke ngonyaka ka 2021.”
Ekhuluma nentatheli ye KZN Namuhla Newspaper uthe banenkinga kakhulu, ikakhulukazi abangezwa noma abangakwazi ukukhuluma. Uthi kubenzima ukuthola umsebenzi njengomuntu oyisithulu kodwa akulula njengaphambilini besanezinhlangano ezazibasiza zibatholele umsebenzi. U MaSishi uthi ucabanga ukuthi iminyango yakhe isivaliwe ngoba enaloluhlobo lokukhubazeka futhi eneminyaka engaphezu kwengu 35 nokumkhathazayo ngoba yena usangasebenza noma yiluphi uhlobo lomsebenzi uma engathola elinye ithuba.
“Kubuhlungu ukukhubazeka, ube nalo ikhono nesipiliyoni kodwa ungabi nawo u Matric. Eminyakeni edlule nathi besineZwi kodwa angazi kuguqulwa yini uma sesineminyaka engu 40. Ngiyaqonda ukuthi imisebenzi ayikho ngenxa yesimo somnotho esintengayo futhi kwesinye isikhathi kuye ngokuthi wazi bani ukuze uqasheke kodwa siyacela nathi ukuthi senzelwe umnyango esizothi uma singqongqoza kuwo sivulelwe angisazikhaleli ke mina sengikhalela nabanye abezwa lobubuhlungu”
Uthi akakaze abe nenkinga lapho ake asebenza khona wase enxusa uHulumeni ukuthi akazamele abantu abakhubazekile amathuba emisebenzi ngoba ukukhubazeka akusho ukuthi asikwazi ukusebenza. Unxenxe namaKhansela endawo ukuthi “angabalahleli emgqonyeni” abantu abakhubazekile wacela nokuthi ibhekisiswe lendaba yokungaqashwa komuntu oseneminyaka engaphezulu kwamashumi amathathu nanhlanu