UCapitec Bank uxwayisa amakhasimende ngemikhuba yamaqola

SHEILA MHLONGO

UCapitec Bank uxwayisa amakhasimende ngemikhuba yamaqola azama ngayo yonke indlela ukukhohlisa abantu ukuze abayengele ophathe ngezimali zabo.
Phela labogalakajana bamaqola abapheli umoya njengoba behlale beqhamuka namaqhinga amasha okuthola izimali zabantu abazisebenzele kanzima. Ukuze usindise imali yakho nakhu okumele ukuqaphele :
Amaqola azothumela umyalezo we SMS azenze uCapitec ekwazisa sakukuxwayisa ngokwenzeka ku Account yakho. Wena ke ungalokothi utatazele ishaye indive leyo SMS
Kungenzeka futhi kunike nenombolo okumele uxhumane nayo, nalapha futhi ungalokothi uphendule

Azokufonela ekucela ukuthi ungene ku internet banking app ukuze uvikele imali yakho, nalapho futhi ungalokothi uwalele vala ucingo lwakho

UCapitec uqhuba uthi khumbula ngasosonke isikhathi ukuthi bona njengebhange abasoze bakucelel ukuthi ungene ku Internet app noma wenze itranfer yemali yakho iyifake kwenye I account ephephile ukuze uvikele ukungalahlekelwa imali yakho. Futhi uCapitec akasoze akucela ukuthi ubanike iPin yakho okuyinombolo eyimfihlo noma ngandlelani okungaba iSMS, noma email.

Okumele ukwenze uma uhlangabezana namaqola:
Masinyane Fonela inombolo yakwa Capitec ethi: 0860 10 20 43 noma uziyele mathupha.