CAPE TOWN – UMengameli we EFF uMnu Julius Malema uthi ulindele owayenguMongameli wase South Africa u Mnu Jacob Zuma ukuthi azibandakanye neqembu lakhe ngemuva kokuthi okhulumela iJacob Zuma Foundation, u Mnu Mzwanele Manyi elaxaza i ATM ejoyina iEFF.
UMalema uthe iEFF iyikhaya elihlomelelisa izimilo ngakho iEFF iyikhaya elimfanele u Manyi. UManyi ku Twitter uthe ujoyina leliqembu nje, yingoba ufuna ukuthi naye abe yingxenye yokukhululwa kwabantu base Ningizimu Afrika ebugqileni bese ekhulula nemiphakathi eZweni eseliphelelwe ithemba lobuholi akholwa ukuthi I EFF ingenza kangcono ekubuyiseni ithemba.
UMalema wemukele lesikhulu eqenjini wase etshena abezindaba ukuthi ulindele u Mnu Jacob Zuma ukuthi naye ajoyinei I EFF
“Ngijoyina iqembu le EFF njengelunga, ngiqala ezansi, sizobona ukuthi ngizophelelaphi.” Kusho u Manyi.
UMalema uthe I EFF iyakhula, futhi yilona kuphela iqembu elingajoyinwa ngabantu abamnyama abazithandayo nabazikhathalele.
“Ngiyethemba ukuthi kungekudala sizobe samukela u Mnu Jacob Zuma kanti nanoma ngubani ofuna ukujoyina I EFF wamukelekile”. Kuphetha uMalema
UMalema uthi uzimisele ukwamukela u Zuma kwi EFF
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/05/malema-and-zuma.jpeg)