USomabhizinisi wesifazane waseMzinyathi usiza intsha ngamakhono okupheka

Usomabhizinisi wesifazane weZakaza Catering and Deco Classes, osebenzela endaweni yase Mzinyathi ngase Power station, wenza iCatering Classes ayenza uma kuvalwe izikole kusukela ngeMsombuluko kuze kube uLwesihlanu njengoba alandelayo ezoba ngomhlaka 3-7 Julayi.

Abasunguli balesisikole uNoluthando Khumalo no Thabo Qwabe kanti baqala ngo 2004 bephekela imicimbi abantu bekuncoma ukudla kwabo kwahamba isikhathi babona ukuthi kungaba kuhle ukudlulisela ikhono emphakathini ngokwenza ama Class e Catering and Deco ikakhulukazi entsheni uma kuvalwe izikole ukuze ingabi uvanzi kanye nakuwo wonke nje umuntu onothando base beqoka u Miss Gugu Khumalo onestifiketi sokupheka nokuhlobisa ukuthi kube uyena uthisha ukuthi asize ngokusifundisa uma kuvalwe izikole
Ukwazi kabanti abanothando lokuzofunda bangashayela lenombolo: 083 503 3430