Kucacele noma ubani ukuthi amaqembu amancane ezePolitiki kuleli asaphenduka kwaba iwona angomakhonya koMasipala bakuleli, njengoba sibona emadolobheni amakhulu lapho kusuke kungekho iqembu okuyilo elithole amavoti anele ukuthi abuse kulowoMasipala.
Kuzokhumbuleka ukuthi ukhetho lohulumeni baseKhaya olwaba ngonyaka ka2021, amaqembu ayizikhondlakhondla kuleli afana ne ANC kanye ne DA ilandelwe eleIFP ne EFF ahluleka ukuthola amavoti enele ukuthi angakwazi ukuthola amandla okubusa ngokuphelele ewodwa emadolobheni okubalwa phakathi kwawo iTheku kanye neJohannesburg.
Lokhu kwehluleka ukuthola amavoti anele kugcine ngokuthi kuhlomulise amaqembu ezepolitiki amancane kanye nalabo abazimele ngoba abamaqembu amakhulu afana ne ANC, DA, IFP ne EFF asebenzisa wona ukuhlala emandleni lokhu okubizwa ngohlelo lokubusa ngokubambisana (coalition).
Ngakwelinye icala abantu bakuleli bona bazithola sebesele dengwane ngoba phela uma bengavoti ngobuningi babo basuke bezitshela ukuthi bajezisa iqembu lelo abafuna ukuthi liphundleke amandla lingakwazi ukubusa.
Manje indaba yokungavoti ngoba abantu bezitshela ukuthi bajezisa iqembu lezepolitiki ukuze lingaphathi uMkhandlu nakho kubeka abantu noma umphakathi engcupheni yokuthi balahlekelwe amalungelo abo abawathola ngokwentando yeningi.
Kafushane singasho ukuthi wonke amandla asala kubaholi bamaqembu ezepolitiki ngenxa yamavoti amancane abawathole ngesikhathi sokuvota ukwenza noma yini abayithandayo noma ngabe ayihambisani nentando yomphakathi abawumele.
Kanti lamaqembu amancane noma labo abazimele bona sebezitholele ithuba lokudayisa ngalawo mavoti abo amancane ukuzitholela amandla kanye nezikhundla koMasipala, njengoba sibona kwenzeka kuMasipala weTheku kanye nowase Johannesburg .
Ngakho uma abantu bakuleli beqhubeka nokudikila ukhetho kuyacaca ukuthi badikila namalungelo abo entando yeningi ngoba phela angeke osopolitiki bawenze umsebenzi wabo wokuletha izidingo kubantu (service delivery) ngenxa yokuthi bazobe bebhizi benqakisana ngezikhundla.
Sengiphetha mhlampe kuzomele kubhekwe indaba yezinombolo zemiphumela yokuvota noma ngabe ngokwamaphesenti, mhlampe kwenziwe ushintsho oluzokwenza ukuthi iqembu elithole izinombolo zamavoti aphezulu kunamanye kube yilona elithola amandla okubusa.
Lombono ngingathandla ukuthi kuxoxiswane ngawo. Ukuze kuzwakale ukuthi abanye abantu bacabanga kanjani.
Ake sibonisane ngalendaba yama coalition asedale amaqembu ezepolitiki azenzele umathanda koMasipala bakuleli
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/05/H.jpg)