Basale bethukile abagibeli kugqamuka amalangabi itekisi lihamba

NKOSIE NTOMBELA

Basale bethukile abagibeli betekisi base Waterloo ngesikhathi itekisi abebehamba ngalo limane ligqamuka amalangabi omlilo ngezikhathi zasekuseni ngoLwesine olwedlule kanti abagibeli baphume bephulukundlela bejahe ukuzisindisa emlilweni wetekisi.

Lelitekisi belisuka Waterloo lilibangise eVerulam kanti lizothi lisahamba ligqamuke umlilo obuvela ngaphambili enjinini. Ngaphakathi kuyo letekisi bekukhona abagibeli abangu-8 kanye nomshayeli abakwazile ukwehla baphuma bengenamyocu.

INtatheli ye KZN Namuhla ithole izingcingo eziningi emphakathini ibika ngodaba lokusha kwemoto abayigibele ngo-06:45 bebika ukuthi imoto ishile.
Kwisgameko abophiko bezokucisha nokutakulwa bomkhandlu weTheku bafike isha amalangabi ikhumbi okungaqondakali umlilo ubudalwe yini. Umgibeli obekhona ekhumbini ongathandanga ukudalulwa uthe ubone intuthu ingena emotweni ngaphambi kokuthi igqamuke amalangabi base bevula ngenkani isicabha esishelelayo behla emotweni isanyakaza.
Kanti umshayeli uthi kusolakala ukuthi ipayipi likaphethiloli elivuzayo yilona elidale umlilo.

Ngenhlanhla akekho olimele nophuthunyiswe esibhedlela kuqinisekiswe abezokuphepha endaweni iRusa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *