NKOSI NTOMBELA
Inhlangano ebhekele ukusebenza nokuthuthuka kwentando yeningi eMzansi Afrika, i-Democracy Development Programm (DDP), ngokuhlanganyela ne-Inanda 88.4FM ibambe inkomfa yabezindaba ngoLwesine lomhlaka 18 Meyi, eLangeni Hotel, eThekwini.
Okuhlalukile kulenkomfa kudingidwe kabanzi ngendlela okwethulwa ngayo izindaba nendlela abezindaba abasebenza ngayo.
Evula inkomfa uDktl. Paul Kariuki onguMqondisi Jikelele (Director), weDDP uthe inhloso yeNkomfa ukubungaza iminyaka engamashumi amathathu (30) kwasungulwa lenhlangano, wathi bayaziqhenya ngomsebenzi asebewenzile wokufundisa abantu ngokubaluleka kwentando yeningi nasekuthuthukiseni imiphakathi.
Eqhuba uDktl. Kariuki uthe, beyi DDP, bayaziqhenya kakhulu ngokusebenzisana okuhle nezinhlangano zabezindaba ezizimele okubalwa phakathi kwazo Inanda FM,iMaputaland Radio,Isiyathuthuka FM kanye nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla.
Kwiziphakamiso ezethulwe isikhulumi esiqavile uSolwazi u Anton Harbour ukhale kakhulu ngendlela izindaba ezisabalala ngayo ezisuke zingahloliwe ukuthi ziliqiniso.
Ngakhoke ukufundiswa ngendlela yokuthola nokucoshela izindaba kube ezinye zezethulo ezibe eqhulwini ngokuthi kumele zonke izikole zemfundo esemabangeni aphansi naphezulu kube isifundo sawowonke umfundi phecelezi i Media Literacy, kunaba uSolwazi Anton Harbour.
I-IDD iphinde yahlonipha izinhlangano esebenzisana nazo njengoba igubha iminyaka engamashumi amathathu (30) bebambisene nayo okubalwa kuzo i KZN Namuhla Community Newspaper , kanye ne Maputaland FM.Ingqungquthela ivalwe isikhulu esingamele izinhlelo kwiNanda FM uMnu. Thulani Zondi.