I-SASSA yelule isikhathi sokusebenza kwamakhadi egolide (Gold Cards) kuze kube Disemba 2023

Ezinyangeni ezedlule uSASSA ube nomkhankaso lapho ebasazisa khona abahlomuli bezibonelelo abasebenzisa amakhadi asaGolide abephelelwa isikhathi ngenyanga kaApril, May no June 2023 ukuba baphuthume bayoshintsha amakhadi ukuze bathole amakhadi amasha. Uphinde wagqugquzela abahlomuli ukuba bangakwazi ukuzikhethela ukuthola izibonelelo zabo ngqo emabhange abo ngokuthi balethe isitatimende saseBhange esinamagama nesibongo okufana ncamashi nemininingwane ekumazisi engakashayi umhlaka 20 enyangeni ukuze izibonelelo zingene kuma akhawunti abo ngenyanga elandelayo.

Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba ngoLwesine lomhlaka 18 May, sithi abe- SASSA phambilini bebehlele ukuba ukukhokhwa kwezibonelelo ngenyanga kaMay 2023 kuzoqala kusukela ngomhlaka 03 ku May 2023 (Izibonelelo zabantu abadala), 04 May 2023. izibonelelo zabaphila nokukhubazeka) no 05 May 2023 (izibonelelo zabantwana.

Kodwa ngenxa yobuningi babantu abebeza emahhovisi eSASSA befisa ukushintshela emabhange abo, kuhlalukile ukuthi baningi kakhulu abahlomuli imininingwane yabo obekuzoshaya umnqamulajuqu womhlaka 20 April 2023 kungazange kufakwe imininingwane yabo kubuxhakaxhaka bezekhompyutha bokuholela izibonelelo.

Lokhu kube sekuphoqa I-SASSA ukuba ibhalele umnyango kaMgcinimafa (National Treasury) ukuthola imvume yokushintsha izinsuku zokuholela ukuze kufakwe imininingwane yeningi labahlomuli kubuxhakaxhaka bezekhompyutha bokuholela izibonelelo. Umgcinimafa unikeze i-SASSA imvume ukuba iholele kusukela ngomhlaka 04 ku May 2023 (Izibonelelo zabantu abadala), 05May 2023 (izibonelelo zabaphila nokukhubazeka) no 08 May, 2023 (izibonelelo zabantwana). I-SASSA ibe seyazisa kumaphephandaba, kwabezindaba
kanye nasezinkundleni zokuxhumana ngalezinguquko.

Okungenzeka ukuthi kukhona labo lezinguquko ezingazange zifinyelele kubo okuyisona sizathu esenze ukuba bangakwazi ukuthola imali yabo ngezinsuku ezindala.

Kuthe kusenjalo iPayment Association of South Africa (PASA) yathatha isinqumo sokulula ukusebenza kwamakhadi asaGolide akwaSASSA/ Postbank aphelelwa isikhathi. Ukusebenza kwalamakhadi kululiwe kuze kube uDisemba 2023. Lokhu kuchaza ukuthi abahlomuli bezibonelelo bazokwazi ukuqhubeka basebenzise amakhadi abo yize esephelelwe isikhathi. Lamakhadi abo bangakwazi ukuwasebenzisa ukukhipha imali emishinini yokukhipha imali kanye nasezitolo ezinhlobonhlobo ezifana no Checkers, Shoprite, USave, OK, Pick n Pay,Boxer njalonjalo

uRegulation 26 A weSocial Assistance Act ukubeka kucace ukuthi, imali kamasingcwabisane kuphela, engakwazi ukudonswa kwisibonelelo somhlomuli we sibonelelo sabantu abadala noma isibonelelo sokukhubazeka sikanomphela (Permanent Disability Grant) . Lemali akumele idlule ku 10% wenani lesibonelelo somhlomuli. Ukudonswa kwalemali kwisibonelelo somhlomuli kwenzeka ngokuthi umhlomuli agunyaze ngokusayina phansi ukuthi impela uyawazi umasingcwabisane othize futhi uyawuvumela ukuba ubambe inani elithize kwisibonelelo sakhe. Okumele sikubalule ukuthi uma ukhetha ukuthi imali yakho yesibonelelo ingene kwiBhange lakho, uwena okhokhela izindleko zokukhipha imali njengokulawula kwalelo nalelo Bhange.

“Siyagqugquzela abahlomuli abahlangabezana nezingqinamba ukuba bavakashele emahhovisi ethu noma basishayele kulezinombolo 033 846 3400 noma 0800 60 10 11 ngezikhathi zomsebenzi phakathi kuka 07:30 kuya ku 16:00 phakathi nezinsuku ukuze sikwazi ukuhlonza imbangela yokuthi kungani umhlomuli ebe nezingqinamba ukuthola isibonelelo sakhe.