UDuduzane Zuma oyindodana yalowo owabe enguMengameli wakuleli uMnu Jacob Zuma, uselaxaze phansi inhlangano kababa wakhe i ANC waqoka ukuzimela ngokwakhe (Independent)
INingizmu Africa kumthethosekelo kusanda kuchibiyelwa umthetho ovumela abazozimela bengenanhlangano ukuthi bangazingenela kukhetho oluzayo luka 2024.
Ekhuluma nethimba lezindaba kwiNanda FM uDuduzani Zuma ukuqinisekisile ukuthi uzokwenza kube nozinzo kwezomnotho eNingizimu Africa aphinde abheke nengwadla yokunqamuka kukagesi okuyinto athe iyonanto azoyibeka eqhulwini njengoba engenela ukuba avotelwe ukuba nguMengameli wezwe eNingizimu Africa.
Ukhetho selusemome njengoba sekulele kuMengameli wezwe ukuthi alumemezele ngokusemthethweni usuku lokhetho luka 2024 okuzobe kungokokuqala ngqa kuba nabazimele kukhetho lukazwelonke.
Kulezinsuku abavoti emzansi badonse izinyawo okhethweni loMasipala olwedlule, lokhu okuzokwenza kube umsebenzi owumqansa kwabazobe bengenela ukhetho ku 2024 ukuthi babanxenxe kakhulu abantu njengoba abantu abasha okuyibo okwavela ka IEC abazange bayigqize qakala okhethweni lokuqoka ama ward khansela.