Kuhlokome izinkundla zokuxhumana osaziwayo abadume kakhulu kwindima kamaskandi bencokola bebuyisana njengoba kwakunezinsolo zokuba inkuku nempaka. Ukuncokola kuka Tshatha Ngobe noNgizwe Mchunu kuthokozise izinkumbi zabalandeli babo abanye besho ngazwi linye bethi izinsizwa zenza kanje liyabuya elika Mthaniya abanye sebefisa kubuye nohlelo lwalezinsizwa ezingaconsi phansi kubathandi bakaMaskandi uhlelo olwalibizwa ngoTalagu.
uTshatha kwi video esabalele kwinkundla zokuxhumana lapho behlobe kahle kuze kwancoma nensizwa ewumngani wabo esizakhele igama kuMaskandi ngokuhlela imcimbi emkhulu ekubalwa kuyo ingoma ka Zwelonke kanye neMpucuzeko uXolani Mcineka.
Kuzokhumbuleka ukuthi nasendulo ukungcweka ngamazwi kwezinsizwa kwakwenzeka bese kukhuzwe uma sekubonakala kunomsindo
Khonamanjalo kuphinde kwashayelwa ihlombe uNgizwe benoKhuzani befaka izithombe bendawonye loko okunconywe kakhulu abalandeli bakaMaskandi uma izinsizwa zangandawonye eNkandla zithelelana amanzi.