NKOSI NTOMBELA
Yize kuke kwanethemba lokuthi kuzolunga kodwa kubukeka kusazoba isikhathi eside impela unqamuka ugesi. Insizwa edabuka e Bergville uSihle Ngcobo kodwa osezinze eMlazi ngokomsebenzi ikhala iyazithulisa ngobunzima obudalwa uhlelo luka Eskom lokucishwa kukagesi. Lensizwa yenza ibhizinisi lezokuxhumana (Internet Café) iphinde ibe nesitolo sokudayisa umculo kwi Internet.
Ekhuluma nentatheli yeKZN Namuhla uMnu. Ngcobo ukhale ngokuthi ukucisha kukagesi sekudale ukuthi asebenzele ekhaya ngenxa yokulahlekelwa amakhasimende ebhizinisini lakhe, kanti kwayona indawo asebenzela kuyona kuye kwadingeka ukuthi ayivale ngoba engasakwazi nokukhokhela irenti ekupheleni kwenyanga.
Uthe uyafisa ngolunye usuku ukuthi bathole ukuxhaswa uhulumeni bewosomabhizinisi abancane banikwe noma izindawo ezingakhokhelwa ngoba ingekho nje imsebenzi eNingizimu Africa.
Njengoba siku stage 6 osukwini ezindaweni zasemakhaya kuyaba nangamahora ayishumi osukwini ugesi ungabuyi nhlobo loko okugadla kuphindelela kwizakhamizi ezakhele izindawo zasemakhaya.
Kanti iNingizimu Africa ikulengwadla kagesi nje nezinga lokuqasheka kubantu lehle kakhulu uma kuqhathaniswa nakwamanye amazwe okuzoba umthwalo omkhulu njengoba sekushayeka nabazisebenzayo ngenxa yokunqamuka kagesi zinsuku zonke.