Ungabi isizathu sokuphuma kwezinyembezi zomunye umuntu

Ngiyabingelela sizwe sakithi, nginibhalele nasi isexwayiso ngodaba olubuhlungu esingalunakile. Singabantu masizifundiseni ukungabi yisizathu sokwehla kwezinyembezi zomuntu, izinyembezi zomuntu aziweli phansi futhi zihamba namabhadi namashwa, asiboqaphela singamkhalisi umuntu, ngoba kungenzeka impendulo yazo ungayiboni wena uthi unqobile kanti isazolandela abantwana bakho noma isizukulwane sakho sifele ububi obenziwa ngumzali wabo.

Isikhathi esiphila kuso sesabanzima abantu bashaywe yinkohlakalo abasenavalo bangayidla imali yesalukazi sibe sihlupheka sikhulisa abazukulu kabuhlungu kube kukhona odla imali yaso azakhele impumelelo ngayo, abanye bayamkhipha owesifazane emshadweni wakhe ayohlupheka nezingane futhi bakuqinisekise ukuthi bayamenza azikhohlwe izingane uyise wazo zikhule kabuhlungu, zehle izinyembezi kuloyo wesifazane kube kuhlekwa kujatshuliwe emzini wakhe, abanye bayamakhela uzungu umuntu bamxoshise emsebenzini engenzelutho lapho kube kunguyena obesondla umndeni wonke ngeholo lakhe ingene inhlupheko ekhaya zehle izinyembezi endodeni . Sizwe sakithi ziyingozi izinyembezi zomuntu kungabamnandi ekuqaleni umkhalisa kodwa isiphetho siyodla wena. Ungabi yisizathu sokwehla kwezinyembezi zomuntu ngoba ziyingozi .

Obhalayo Umfundisi Katlego Nare