UMasipala weTheku usuphothulile umjikelelzo wokuhambela izindawo ezahlukene zoMkhandlu, okuthathe amaviki ayisishagalombili (8). Lomjikelezo wezinkulumo ngxoxiswano ubumayelana nokwethulwa kweSabelomali kanye ne IDP yonyaka ka 2023/24 kubantu.
Ngokwesitatimende esicashunwe ekhasini loMkhandlu weTheku lika Facebook, sithi lomjikelezo wokuphetha amaviki ayisishagalombili okubonisana namalunga emiphakathi ububanjelwe ezinkundleni zemidlalo e Moses Mabhida ngoLwesithathu lomhlaka 24 Meyi.
IMeya yeTheku ukhansela uMxolisi Kaunda ibonge amalunga omphakathi ngokubamba iqhaza mayelana nezingxoxo zokubonisana ngeSabelomali soMkhandlu sika R66 billion ebesihambisana nohlelo lwentuthuko edidiyelwe (IDP), yathi bewuMkhandlu kubanikeze ugqozi ukubona amalunga omphakathi ehambela imihlangano futhi ebeka nemibono yawo.
“SiwuMasipala weTheku kusithokozisile kakhulu ukubona amalunga emphakathi ethamela imihlangano yokubonisana mayelana neSabelomali soMkhandlu, futhi kusinike ugqozi ukuzwa imibono eyahlukene ivela emphakathini”. Kuphetha uKaunda