ICATHSSETA ibonge abafundi ababemele iNingizimu Afrika kwelase Qatar

SAMUKELISIWE MBONAMBI
Inhlangano iCulture, Arts, Tourism Hospitality and Sport Sector (CATHSSETA) yenze umcimbi wokubonga bonke abafundi ababayingxenye yethimba elalipheka ezweni lase Qatar ngesikhathi kuyindebe yomhlaba yebhola ngonyaka owedlule. Lomcimbi ubungomhlaka 19 Meyi 2023 eRadisson Blu Hotel eMhlanga kanti phakathi kwezihambeli zalomcimbi bekukhona uMnu. Marks Thibela oyi CEO yakwa CATHSSETA, uSihlalo webhodi uMnu. David Themba Ndhlovu, amalunga ebhodi kanye nosingabo abafundi ababeye eQatar.

UMnu. Thibela enkulumeni yakhe udalule ukuthi inhloso yokwenza lomcimbi ukuthi abakwazanga ukwenza umcimbi wokufisela bonke ababeya eQatar uhambo oluhle njenge CATHSSETA babe sebekubona kuyithuba elihle ukuthi benze umcimbi wokubamukela ekhaya ukuze bakhuthazeke.

“ICATHSSETA ibe usizo olukhulu empilweni yami, ngikhula bekuyiphupho lami ukuthi ngelinye ilanga ngibe umpheki oneziqu kodwa bekungekho lula njengoba imali bengingenayo kodwa ngemumva kokungena kuhlelo lwayo iCATHSSETA lapho belekelela abantu abafisa ukufunda iphupho lami lifezekile. Yize bekungekho lula kodwa nokuthi iCATHSSETA isinika imali yokusilekela nyanga zonke bekwenza ngizimisile. Ngiyabonga kwi CATHSSETA ngokufezekisa iphupho lami” Kuchaza uNksz. Unam Dyantyisi ofunde ngoxhaso lweCATHSSETA eGuvon Academy.

Babalelwa ngaphezulu kuka-400 abafundi abaya eQatar omunye wabo uNksz. Clearepathra Mbilini ongumfundi wase Bambisandla Sam esichazela ngohambo lwakhe uthe yize bekuwuhambo lwakhe lokuqala eya phesheya kwezilwandle kodwa kuningi akufundile, njengoba efunde ukupheka izinhlobo zokudla ezihlukene ephekela abantu abahlukene waphinde wafunda ukusebenza ngaphansi kwengcindezi ngaphandle kokufuna ukulahlela ithawula. Uqhube wathi yize izingqinamba bezikhona njengoba abanye abapheki bebengasikhulumi nhlobo isiLungu kodwa ube nohambo oluhle olumukhuthazile ukuthi afise ukusebenza kwamanye amazwe.

ICATHSSETA ibonge bonke abafundi ngezindondo, isethi yemibese amashethi kanye nezigqoko zokupheka. Abafundi bebephuma ngaphansi kwezikole ezihlukene okubalwa kuzo iBambisandla Sam, Fusion Cooking School, Guvon Academy, nePurple Carrot School.