Siyazi ukuthi kuningi okungahambi kahle lapha eNingizimu Afrika. Siyazi futhi sekuphele iminyaka engu -29 lelizwe libuswa ngaphansi kwentando yeningi, futhi siyazi nokuthi uhulumeni osiphethe ungaphansi kweqembu le African National Congress (ANC) yonke leminyaka.
Kuleminyaka engu 29 yonke kuningi okuhle okwenzekile futhi okungcono kunalokho okwakwenziwa uhulumeni wengcindezelo wombuso wamabhunu weNational Party.
Ukufika kukahulumeni we ANC esikholwa ukuthi ubusa ngaphansi kwentando yeningi kwasilethela amalungelo angcono sakwazi nokuzuza izinto eziningi kafushane engingabala, amalungelo alinganayo ngaphandle kokucwaswa ngokwebala, sikwazi ukuhlala noma kuphi lapho sithanda khona, sinamalungelo afana nokuzikhethela inkolo, ukuthanda noma okushada abantu esibathandayo ngaphandle kokubandlululwa ngokwebala.
Sesikwazi ukuhola imali yempesheni yabadala ngokulingana nezinye izinhlanga, zonke izingane ezizelwe lapha ezweni lethu zikwazi ukuthola isibonelelo semali kahulumeni,ngokunjalo nabakhubazekile.
Sesikwazi ukuthola amanzi, ugesi, izindlu zomxhaso kahulumeni, imfundo engingathi ingcono ngoba iyalingana kuzozonke izikole ezingaphansi kukahulumeni.
Kuningi nje okunye engingabala nakho ukukwazi ukukhuluma ngokukhululeka nakuba ke kunemibandela yakhona.
Kodwa kukho konke lokhu okuhle engikubale ngenhla kuningi osekwenzekile okungekuhle okudala ukuthi kugqibeke lomsebenzi omuhle kangaka esawulethelwa inkululeko yokubuswa ngokwentando yeningi.
Manje uma ngibheka kuleminyaka esikuyo izwe lethu likhungethwe izinkinga eziningi ezidalwa ukungahanjiswa kahle kokwengamela imisebenzi kahulumeni efana nokuhanjiswa kwezidingo kubantu ezinjengokusweleka kwamanzi kwezinye izindawo, ukucishwa kukagesi okushiya iningi labantu lisebumnyameni kuphinde kukhinyabeze isimo sezamabhizinisi amancane namakhulu lokhu okwenza siye ngokuya isimo sokuncipha kwamathuba emisebenzi.
Okunye okuhlukumeza kakhulu futhi izimpilo zabantu ubugebengu obuhlanganisa ukubulawa kwabantu, ukuhlukumeza ngokobulili, kakhulukazi abesifazane nezingane, ubugebengu bokuphanga kuhlonyiwe, kanye nokunye.
Sengikubalile okuningi okuhlukumenza izimpilo zabantu kodwa okubuhlungu kakhulu ilokhu esikubonayo kwezenzo zenkohlakalo, ukukhwabanisa kanye nokushintshana ngemali ngendlela engekho emthethweni okwenziwa abaholi bezepolitiki ikakhulukazi beqembu elibusayo kanye nabasebenzi bakahulumeni behlangene nosomabhizinisi abadlelana nabo.
Konke lokhu sekudale ukuthi amaqembu aphikisayo ezepolitiki amancane namakhulu afana ne DA, EFF, IFP kanye namanye azitholele indlela yokugxeka iqembu elibusayo aze asebenzise kona uma ekhankasela ukhetho luka 2024.
Sengiphetha, yebo siyavuma iqembu elibusayo alenzi kahle futhi sikwazi konke okwenzekayo kodwa ke manje sidinga isixazululo, esifana nokuthi yini ezokwenziwa iqembu elizimisele ukuthatha izintambo zombuso uma kuphuma uKhongolose. Hhayi ukugxeka kanye nokwenza izivumelwano zokubusa ngokubambisana(government coalitions) esikubona komasipala ngoba akusebenzi futhi asidingi izinkinga ezingapheli.
Kungakuhle amaqembu ezepolitiki aqhamuke namasu amasha njengoba evivela ukhetho luka 2024
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/05/H.jpg)