kuqhubeka kahle kakhulu  ukuvotelwa kwamaCiko kowe KZN Namuhla Artists Awards 2023

Kuqhubeka kahle kakhulu ukuvotelwa kwamaCiko emncintiswaneni weKZN Namuhla Artisits Awards 2023. Ukuvotelwa kwamaCiko ngendlela yeSMS kusukela ekuqaleni kwenyanga kaJulayi, kanti kuzophothulwa ekupheleni kwenyanga evikini lesibili kuSepthemba, lapho kobe sekuqala uhlelo lokubalwa kwamavoti sekulungiselwa ukubanjwa komcimbi wokuklonyeliswa kwawo amaCiko ngokwezigaba ezahlukene, nokuhlelwe ukuthi kube ngeSonto lomhlaka 24 Septhemba eBat Centre eThekwini..

Continue reading

EZENTUTHUKO YOMPHAKATHI ZIXOXWA NGEZITHOMBE

IZITHOMBE NODABA: Kucashunwe ekhasini leFacebook kaMasipala weTheku
UMasipala weTheku nenhlangano yabelaphi bendabuko iTraditional Health Practitioners Business Council bakhumbule uDkt Credo Mutwa emcimbini obunamhlanje, ngomhla ka-22 Julayi, eWarwick Triangle Community Hall. UDkt Mutwa wayengumelaphi wendabuko, umbhali, isazi samasiko, futhi wayekwazi ukubikezela ngezinto ezizokwenzeka. Kulo mcimbi wokumhlonipha kugujwe nosuku lwakhe lokuzalwa okuwumhla ka-21 Julayi.

Continue reading

UMengameli wezwe ephelezelwa uNdunakulu waKwaZulu-Natali uhambele umhlangano wama Nazaretha

UMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube kanye Nongqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha noKongiwa kweMvelo uMnuz Siboniso Duma bahambele umhlangano kaJuly eBuhleni,ngoMgqibelo womhlaka-22 Julayi 2023. Kulolu hambo bekukhona noNgqongqoshe bakazwelonke abebehambisana noMengameli kanye noNdunankulu

Continue reading

Abesifazane abangamalunga esiShayamthetho saKwaZulu-Natali bahambele abePhalamende laseZimbabwe

Ukuxoxisana ngokuzwana, ukwabelana ngolwazi, kanye nokukhuthaza ushintsho, kubonisa ngokusobala amandla abantu besifazane uma behlangene ndawonye ngenhloso yokucobelelana ngolwazi.
INHLANGANO – iDemomocracy Development Programme (DDP) ihlele uhambo lokwabelwana ngolwazi (exchange visit) phakathi kwabesifazane abangamalunga amele izinhlangano zepolitiki ezahlukene esiShayamthetho saKwaZulu-Natali (Multi-Party Women’s Caucus) kanye nabesifazane abangamalunga ePhalamende laseZimbabwe (Zimbabwe Women Parliamentary Caucus). Loluhambo lubonise ngokusobala amandla abantu besifazane uma behlangene ndawonye ngenhloso yokucobelelana ngolwazi. Kubanikeze ithuba lokuxoxisana ngezingqinamba ezifanayo abahlangabezana nazo ePhalamende kanye nasemphakathini yabo, kuphinde kwaqiniswa ubuhobo phakathi kwabo.
Loluhambo lokwabelana ngolwazi lubonise kahle kamhlophe ukuthi noma abantu besifazane bevela emazweni ehlukene kodwa bayakwazi ukuxoxisana ngokuzwana, futhi banombono ofanayo ikakhulukazi njengoba bonke bengabase Afrika lapho amadoda kuyiwo alawulayo.

Continue reading