Abaqoqi bezikweletu basezithendeni zabahola imali kaSASSA kungafanele

SHEILA MHLONGO

I South African Social Security Agency (SASSA) isikhiphe isitatimende esithi sekuqashwe izinkampani zabaqoqi bezikweletu ukuthi balandele ezithendeni bonke abantu abahlomula ngemali kakhulumeni kungafanele.

Okhulumeli iSASSA uNksz. Sandy Godlwana uthe babalelwa ku38, 431 abakweleta iSASSA kanti ibalelwa  ku R544 431 028 imali okumele iqoqwe kubantu abayihlomula kungafanele, wathi imali eningi ikweletwa abantu abangafanele nhlobo ukuthi bathole isibonelelo sikahulumeni lokhu abakwenza ngokunikeza imininingwane engelona iqiniso.

Izinkampani zabaqoqi bezikweletu kubalwa lezi ezilandelayo : 1. Ncube Incorporated Attorneys 2. Kumyolz Investments (PTY)(LTD) 3. Credit Intelligence (PTY)(LTD) 4. Markalio Revenue Solution (PTY)(LTD).Lezinkampani zizosebenzisa izindlela ezahlukene zokuxhumana nabakweletayo okubalwa ukushayelwa izingcingo, ukuthunyelwa ama SMS imiyalezo, kanye  nokubhalelwa izincwadi nagama Emails.

Siphetha isitatimende sithi sixwayisa bonke labo abakweleta uSASSA ukuthi bangalokothi bakhokhe imali emabhange ezinkampani ezizobe ziqoqa izikweletu ngoba lokho akukho ngaphansi kwesivumelwano esenziwe.

Abakweletayo bayokhokha imali ngqo ebhange le SASSA kwa First National Bank-Account SASSA KZN Account Number: 63056644462 Reference Number: Your Identity Number.

“Ukwazi kabanzi ngaloluhlelo lokuqoqwa kwezikweletu ungangabazi ukuxhumana nehhovisi lakwa SASSA kulenombolo: 033 846 3400 noma 080 60 10 11, kusukela ngoMsombuluko kuya koLwesihlanu, isikhathi (07:30-16:00)”. Kuphetha uSandy Godlwana, ongumkhulumeli wayo iSASSA-KZN.