Abesifazane abangamalunga esiShayamthetho saKwaZulu-Natali bahambele abePhalamende laseZimbabwe

INHLANGANO – iDemomocracy Development Programme (DDP) ihlele uhambo lokwabelwana ngolwazi (exchange visit) phakathi kwabesifazane abangamalunga amele izinhlangano zepolitiki ezahlukene esiShayamthetho saKwaZulu-Natali (Multi-Party Women’s Caucus) kanye nabesifazane abangamalunga ePhalamende laseZimbabwe (Zimbabwe Women Parliamentary Caucus). Loluhambo lubonise ngokusobala amandla abantu besifazane uma behlangene ndawonye ngenhloso yokucobelelana ngolwazi. Kubanikeze ithuba lokuxoxisana ngezingqinamba ezifanayo  abahlangabezana nazo  ePhalamende kanye nasemphakathini yabo, kuphinde kwaqiniswa ubuhobo phakathi kwabo.

Loluhambo lokwabelana ngolwazi lubonise kahle kamhlophe ukuthi noma abantu besifazane bevela emazweni ehlukene kodwa bayakwazi ukuxoxisana ngokuzwana, futhi  banombono ofanayo  ikakhulukazi njengoba bonke bengabase Afrika lapho amadoda kuyiwo alawulayo.