I-NSFAS iphuthumisa uhlelo lokukhokha imali yezindleko zabafundi

INational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) isikhiphe isitatimende esiqinisekisa ukuthi isiphezu kwezinhlelo zokuphuthumisa ukukhokhelwa kwezimali zokukhokhela izindleko zabafundi basezikhungweni eziphakeme.

Esitatimendeni esikhishwe ngoMsombuluko womhlaka 17 Julayi, sithi, uSlumezi Skosana ongumkhulumeli weNSFAS uthe ukuphuthumiswa kohlelo lokukhokela izitshudeni kuncike ekutheni yonke imininingwane edingekayo yokurejistwa kwazo izitshudeni iqinisekisiwe.

USkhosana uveze ukuthi iNSFAS ithole isitatimende esivela, eWits University eqinisekisa ukuthi ngomhlaka 14 Julayi,  bangaphezu kuka 8000 abafundi abangakatholi inkokhelo yabo kulabo abangu 9,950.

Eqhuba uSikhosana ubalule ukuthi ezabo izibalo ziqinisekisa ukuthi ngomhlaka 14 Julayi babalelwa ku 7, 684 abafundi abese bekhokhelwe izindleko zabo, yebo kona kuyavela ukuthi bakhona abanye abafundi abangakakhokhelwa kodwa kwenziwa yonke imizamo ukuthi ilungiswe inkokhelo yabo.

“Kuyimanje kunohlelo oluqhubekayo lokuxhumana nezinye izikhungo ukuze siqinisekise ukususa noma ngabe iziphi izithiyo ezikhona , ukuze kugcine kukhokhelwe zonke izitshudeni ezinezimfanelo eziqinisekisiwe”, kusho uSkhosana. SAnews.gov.za