U-Anisa Mthembu aka Annylove oyiMC Presenter ufisa ukukhula endimeni yezokuhlelwa kwemicimbi

U Anisa Mthembu (26) aka Annylove onguMhleli wemicimbi kanye noMphathi wayo (Presenter and MC), ungowokuzalwa eMkhomazi okulapho waqala khona imfundo yakhe yamabanga aphansi kwaze kwaba imfundo ephakeme.

Uqale ukuhlela imicimbi ngonyaka ka 2017, okwaba iThe Villa KwaMashu okumanje yaziwa nge London on 75.Uthi kusukela lapho akabange esabheka emuva kuloluhambo lwakhe lwezama Gigs.

Lentokazi ithi ngendlela enomdlandla ngayo ikuthanda kabi ukusebenza nabantu nakuba iphinde ibe umuntu onamahloni othanda ukuzivalela okuyinto ethanda ukuba inkinga kodwa uyazama impela ukududula umsebenzi wakhe ngempumelelo.

UAnisa uphetha ngelokuthi angathanda ukuthi athole amanye amathuba okuziveza endimeni yeMedia aphinde futhi athole ithuba lokuzula abone umhlaba kanye nokuhlela eminye imicimbi.

Elokugcina ufisa ukuthola umuntu ongamethemba athi ukumfaka umfutho (Investor) ukuze kukhule iBrand yakhe.

Utholakala ku- IG & Tiktok :@ annylove_mt