UMengameli wezwe ephelezelwa uNdunakulu waKwaZulu-Natali uhambele umhlangano wama Nazaretha

UMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube kanye Nongqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha noKongiwa kweMvelo uMnuz Siboniso Duma bahambele umhlangano kaJuly eBuhleni,ngoMgqibelo womhlaka-22 Julayi 2023. Kulolu hambo bekukhona noNgqongqoshe bakazwelonke abebehambisana noMengameli kanye noNdunankulu.

UMhlangano omkhulu ka July umhlangano oba minyakayonke eMzini wase Buhleni bama Nazareth, lomhlangano uqale ngomhlaka 01 Julayi uze uvalwe nge Sabatha lokugcina lokuphela kwenyanga ka Julayi. Inyanga ka Julayi inyanga ebalulekile kuma Nazareth . kulenyanga kuzilwa izinto eziningi ezidliwayo nezingadliwa,wonke umuntu uhlezi ehlambulukile. Kuba nemgidi eyahlukahlukene kuqala imgidi yama Khosazane bese kuba imgidi yabantubonke okuyi Nhlalisuthi (abesilisa) kanye ne Ngudlungudlu( Omama). Kuningike okwenziwayo kulenyanga kuze kuyovalwa uMhlangano okubalwa nohambo oluya kwaBhekabezayo oluhanjwa nga Manazareth.