UThemba Mchunu (33) odume ngelika B-weezy uzalelwe elokishini lase Ntuzuma kwaG, kodwa maje usetholakala Marianhill eKlaarwater.
UThemba uqale ukurekhoda umculo wakhe ngonyaka ka 2007, kanti ukhiphe ingoma ethi I GOT IT ” iyatholaka kuma Download Platforms, iprojuswe u OB MagiK. Uthi usebenze noPhalameezyEnt kuyona une music video ethi u”SOMAQHINGA” ayenze no BONHUSLA ku YouTube yaprojuswa uLebitsa.
Uphinde azwakale ku Singele ka Mshizzi ebizwa Zaka.
Uthi ufisa ukuthola iMenja ezomsiza ukukhulisa umsebenzi wakhe ngoba akulula uma eyedwa njenge Ciko.Kanti kuyimanje uphezu kwezinhlelo zokukhipha iSolo single yakhe yesibili ethi “Hold On” eprojuswe uOB Magik.
“Okwamanje engikuhlelayo i EP Tape hleze ezophuma ngonyaka ozayo izobe ichaza ngempilo yami kanye nabo bonke abantu abenze umehluko empilweni yami ukuze ngibe ilokhu engiyikho namuhla” kusho yena.
Umculo wakhe utholakala kuwo wonke ama Download Platforms – Cell: 078 618 1470
Thembamchunu64@yahoo.com