Injabulo iShell Ultra City ixhasa iMatric Boot Camp Ka 2023 eMnganiwakhe High School

NKOSIE NTOMBELA

Isikole esakhele indawo yaseMnini uMnganiwakhe High School sithi simi ngomumo kwizinhlelo zaso zokulungiselela ikota yesithathu kulonyaka.
Engxoxweni ebikhona phakathi kweNtatheli yeKZN Namuhla uThishomkhulu wase Mnganiwakhe uMiss Mkhize uchaze kabanzi ngezinhlelo zabo zokuqinisekisa kulonyaka bayabacija abafundi babo abanethemba lokuthi bazothola imiphumela emihle kubona.
“njengoba sikhethe ukwenza iMatric Boot Camp inhloso yethu ukuba nabo nje sihlale phansi bengayi emakhaya sifundisane siphinde sibacije ngendlela ekmele bazisebenzise ekwenzeni kahle njengoba sekuseduze kubhalwe izivivinyo zokugcina onyakeni okunye sibheke ekutheni imiphumela yethu siyiphinde ngokubili ngoba onyakeni odlule loluhlelo sibonile lusisizile senzakahle siwuMnganiwakhe.Sibonga kakhulu nakubazali nakwinhlangano ye School Governing Body kakhulukazi makwi garaji lendawo I Shell Ultra City ngokusinika izinsiza kusebenza kule book camp esobanayoz” kuphetha uMiss Mkhize.

Continue reading

UMasipala waseMpofana uhambisana noNdlunkulu kaZulu ukhuthaze amantombazane ukuthi aziphathe kahle

UMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ngaphansi kobuholi bukaNgqongqoshe uDkt Ntuthuko Mahlaba ngokubambisana noMasipala waseMpofana kanye neNdlunkulu kaZulu kanye noBukhosi bamaChunu namuhla babambe umkhankaso i-Operation Siyaya eMhlangeni and Moral Regeneration Programme nezintombi eziphuma kuwo wonke uMasipala wesiFunda uMgungundlovu.

Continue reading

OweAzanian Youth In Action uthi izinhlangano zepolitiki ziyefana zonke zizicabangela zona

U LINDA VILAKAZI  ophethe i AZANIA YOUTH IN ACTION ukubeke kwacaca ukuthi i AZANIA akuyona i politiki kodwa inhlangano eyavulelwa abantu abamnyama  ukuze behlangane belwele izwe labo.Kuningi okwenzakalayo kulelizwe  okuhlangene  kanye nokungahlangene nabantu abamnyama. I AZANIA ithi ayiziboni ingena kwezepolitiki ngoba ipolitiki iyona emosha abantu ezweni labo.

Continue reading

Kukhonye abesifazane bebungaza usuku lwabo eMgababa

NKOSIE NTOMBELA

Inhlangano engenzi nzuzo eholwa uNkosazana Sdu Ndaba yaseMgababa I Yellow Beez ibihlele umgubho wabesifazane ngoMgqibelo mhlaka 12 August 2023.Lo mgubho bekungowokuqala ngqa kulendawo ohlanganise abasifazane bezobungaza inyanga yabo.Okuhlalukile kulombuthano abesifazane bacobelelene ngamaqhinga okuqala amabhizinisi namacebo okuzithuthukisa kakhulukazi intsha yesifazane njengoba bonke abanamabhizinisi banikwe ithuba lokuzikhangisa besho nokuthi baqale kanjani becija abanye.

Continue reading