SHEILA MHLONGO
Udaba lokubusa lelizwe laseNingizimu Afrika ngokubambisana kuhulumeni (government coalition),seluphenduke undab’uzekwayo, njengoba kulungiselwa ukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo ka 2024. Kanti namaqembu aphikisayo kuleli akazibekile phansi ngoba asebheke ngabovu ukukhipha iqembu elibusayo kuleli le ANC.
Ngakolunye uhlangothi ne ANC nayo ayizibekile phansi njengoba isho ingahlonizi ukuthi amaqembu aphikisayo ayaziphuphela njengoba yona ayiyi ndawo, ukhetho iyoluwina ngaphandle kwenkinga, futhi angeke ibe nesizathu sokungena ezivumelwaneni zokubusa ngokubambisana namanye amaqembu.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba, ngoLwesihlanu lomhlaka 8 Agasti, uNobhala we ANC KwaZulu-Natali uMnu Bheki Mtolo uthe; “Impela kuyiphupho nje ukucabanga ukuthi amaqembu aphikisayo KwaZulu-Natali angakwazi ukugudluza iANC emandleni”.
Eqhuba uMtolo uthe, amaqembu aphikisayo asebenzisa imiphumele yokhetho lohulumeni basekhaya, luka 2021, olwenzeka ngesikhathi izwe lalikhungethwe ubhubhane lwe Covid-19, okwaphetha ngokuthi iningi labantu abeseka nabathanda iANC bengaphumeleli ukuyovota ngenxa yemithetho yokuzama ukunqanda ukusabalala kwe Covid-19 abantu bengavunyelwe ukuba baningi endaweni eyodwa.
“Ukuze amaqembu aphikisayo amakhulu eKZN akwazi ukukhipha iANC emandleni kungadingeka athole abavoti ababalelwa ku 1million ehlangene, lokho okuyinto engeke yenzeke”. Kusho uMtolo obekhombisa okukhulu ukuzethemba ngeqembu lakhe.
USihlalo weANC KwaZulu Natali uMnu Siboniso Duma naye uhambe emazwini kaNobhala uMtolo wathi beyi ANC abanalo noluncane uvalo lokuthi bangase bengawatholi amavoti anele, futhi bazimisele ukuwina ukhetho ngaphandle kokungena esivumelwaneni sokubusa ngokubambisana.
USekela Sihlalo weANC KwaZulu-Natali uNomagugu Simelane uthe into ebenza bangabutholi ubuthongo ukungahambiswa kahle kwezidingo zabantu, wathi ngaphandle kwalokho beyi ANC bayazi ukuthi bazoluwina ukhetho .
USimelane uyale abaHleli bezindaba kanye nezintatheli ngokuthi kubalulekile ukuthi zihloniphe ubuholi be ANC ukuze nazo zithole inhlonipho ezifanele, wakhuza nomkhuba wokugxambukela ezindabeni zeqembu okwenziwa izintatheli ngoba zihlonyekiswa abanye abasuke bengaphakathi kuyo iANC, wathi izintatheli azenze umsebenzi wazo kuphela.