Abe Premier Soccer League (PSL bekanye nabeMTN bethule ngokusemthethweni iMTN8 tournament ka 2023 ngoLwesine lomhlaka 10 Agasti. Lokhu kuwumkhankaso obizwa nge Is’khathi Sokuba Xtra ngoba It’s Wafa Wafa Time! Njengoba kuzobe kuqhubeka imiqhudelwano yeNdebe ye 2023/24 MTN8 osekuwumzuliswano weshumi nesithupha (16th Edition) kubanjwa lomncintiswano.
Kulomzuliswano kuzobe kuqhudelana amaqembu aphezulu ayisishagalombili (8) asukela kwisizini ye DStv Premiership. Iqembu eliyonqoba liyokhala lemuke nomklomelo R8 million kanye nobukhazikhazi beNdebe ye MTN.
Umqhudelwano walonyaka uzobe ugabe ngezingqungqulu zamaqembu aseSoweto amathathu okuyi Orlando Pirates, Kaizer Chiefs, ne Moroka Swallows. Kanti iOrlando Prirates iyona eyadla umhlanganiso ngesizini edlule yakhala yemuka neNdebe ye MTN8.
Amanye amaqembu azobe eyibheke ngabomvu leNdebe kubalwa awase Tshwane okuyi SuperSport United, Mamelodi Sundowns, kanye nawase Cape Town okuyi Stellenbosch, Cape Town City, kube elaseLimpopo okuyi Sekhukhune United.
UNomsa Chabeli, oyiGM: Brand and Marketing yeMTN SA, yena uzwakalise ukuthi ibhola lezinyawo liwumdlalo ohlaba umxhwele kubantu abaningi kungakhathaleki abadala nabancane ingakho bexhase lomqhudelwani ukuze balethe injabulo kubathandi bebhola lezinyawo ngomkhankaso wabo we Is’khathi Sokuba Xtra.
Eqhuba uNomsa uthe bakhuthaza abalandeli kanye namaqembu ebhola lezinyawo azobe eqhudelana ukuthi bakhombise ukuzigqaja kwabo ngalomqhudelwano bafake imiyalezo ehambisana nemibalabala ezinkundleni zokuxhumana, uMTN yena uzobanikeza iMTN ExtraTime uma bephelelwa amaData ukuze bahlale bexhumene nezihlobo nabangani.
Abalandeli kanye namakhasimende bayakhuthazwa ukuthi bashayele (Dial) inombolo *136*2# ukuze bazitholele iMTN XtraTime now pay later ukuze bazibeke emathubeni okuzuza ingxenye ka R8 million in prizes, bese kuba khona ithuba lokuthi umlandeli webhola oyoba nenhlanhla yokuziwinela isamba sika R1million cash prize. Bonke abarishaja (recharge) nge MTN XtraTime kusukela ngomhlaka 12 August kuya ku 7 October, bayothola ukungenela lomncintiswano bese bekwazi ukuba kwi Lucky Draw.
Ukweseka lomqhudelwano iMTN izokwedlulisela lomkhankaso lapho uyobe ukhombisa khona ukuthi amakhasimende kanye nomphakathi ukuthi uzozuza kanjani wona kumathuba amaningi azoba khona.
Ukugcina abalandeli nababukeli bejabule nge MTN8 tournament izinkakha kwezebhola lezinyawo zizokweseka uMTN ngokukhuthaza amakhasimende kanye nabalandeli bebhola ukuthi babambe iqhaza kowe MTN8. Izinkakha ezizobe zeseka leMTN8 kubalwa:
Hlompho Kekana, Josta Dladla, Tyrin Arendse, Derrick Spenser, Lucky Lekgwathi, Brilliant Khuzwayo, Thabo Nthethe, Teffo Mashamaite
Football fans can also connect with the tournament on the following digital platforms:
- Tournament info: URL www.psl.co.za
- Facebook: MTN South Africa
- Twitter: @MTN8 / @OfficialPSL – Hashtag: #MTN8
- ayoba: MTN8 Channel
- Instagram: @MTNza
- Tik Tok: @MTNza