UHulumeni waKwaZulu-Natali uzogxila ekuthuthukiseni osomabhizinisi besifazane

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube-Ncube ethula inkulumo yakhe kugujwa usuku lokubungaza abesifazane

SHEILA MHLONGO

UNdunankulu waKwaZulu-Natali  uNkk, Nomusa Dube -Ncube uthe, uhulumeni waKwaZulu-Natali uzogxila ekuqeqesheni nasekuthuthukiseni osomabhizinisi besifazaneukuthi kube yibona abanikwa amathuba okuthi benze umsebenzi we Intanethi (internet service providers) Lokhu uDube-Ncube ukusho ngesikhathi ethula inkulumo yakhe kugujwa usuku lwabesifazane ngoLwesithathu lomhlaka 9 Agasti ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

UNdunankulu uDube-Ncube uthe uhulumeni waKwaZulu-Natali uzosebenza ngokubambisana nezinkampani ezahlukene okuyi KZN Broadband project,  Broadband Infraco, USSASA kanye ne Development Bank of Southern Africa.

UDube- Ncube uqhube wathi

Abesifazane kumele babe seqhulwini. Leproject izodala imisebenzi ebelelwa ku 5000; “Sesiqalile ukwenza isibonelo salokhu engikushoyo endaweni yaKwaNdengezi lapho abesimame benza khona umsebenzi wokufakela ama Wifi hotsports.

Mayelana namathuba emisebenzi uDube-Ncube uthe benguhulumeni bayaziqhenya kakhulu ngamathuba emisebenzi asedaliwe, kungekudala uthe bazokwethula  isizinda se Recruitment Portal esizokwaziwa ngelithi Sthesha Waya-Waya, lapho wonke amathuba omsebenzi avelayo esifundazweni ezofakwa khona.

“Lamathuba emisebenzi azovuleka kusukela kulabo abangenawo amakhono kuze kube awalabo abanamakhono kusukela emazingeni aphansi kuze kube phezulu. Kuyo lenyanga ka Agasti sethula abantu ababalelwa ku 17,000 asebeqashiwe uhulumeni emazingeni ehlukene, Sinesiqiniseko sokuthi abesifazane yibona abazoba yiphesenti eliphezulu kulabo abazoqashwa”. Kusho uDube Ncube.

UDube-Ncube uphinde wezwakalisa ukuthi bewuhulumeni wesifundazwe kuyabajabulisa kakhulu uthi uMgcini maBhuku uthole ukuthi basebenzise imali yabakhokhi bentela ngendlela engenawo ugcobho ngaphandle futhi kwenkohlakalo nokukhwabaniswa kwezimali, wathi iyisithupha iminyango ethole umbiko ongenawo ugcobho onyakeni wezimali ka 2022/23.

Iminyango ethole umbiko ongenawo ugcobho kubalwa iHhovisi likaNdunankulu, OwezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha, kanye nezeMvelo, OwezeziMali, OwokuBuswa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, OwezokuXhunyaniswa koMphakathi kanye noMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya.