SHEILA MHLONGO
ULungelo Sphesihle Mbele waseThekwini ube ngomunye wabazihlomulele kwi KOO Colour Your Plate Bursary. Lokhu kuhlaluke emcimbini wokwamukeliswa izitifiketi kulabo abahlomule kulomncintiswano baphinde bagidlabezwa ngomfundaze (Bursary) yokucijelwa ezokupheka isikhathi esingangonyaka kwi Jacqui Cameron School of Food and Wine.
Ngomhlaka 15 July abakwa KOO bahlomulise ngezitifiketi labo ababambe iqhaza emncintiswaneni we Color Your Plate with KOO, okungo Khothatso Mathibe wase , Johannesburg kube uLihle Mahambehlala, waseBloemfontein, noKamohelo Ayanda Mokhele, kanye noLungelo Sphesihle Mbele, waseDurban ngezitifiketi kanye nomifundaze ngenxa yekhono labo. Kanti bazothola nethuba lokucijwa usaziwayo emhlabeni kwezokupheka (Internationally renowned Chef) uReuben Riffle.
UJacqui Cameron, akawuvali umlomo ngezitshudeni zakhe wathi bekumnandi ukusebenza nazo kanti, zinekhono elimangalisayo futhi uyaziqhenya ngazo. Wathi bekufanele ukuthi bawine ngoba balethe amaRecipe aphuma phambili, waze washo nokuthi akakwazi ukulinda ukubona izimanga abazozenza emakhishini abazobe besebenzela kuwona ngenxa yethalente abanalo kanye nokuzimesela kwabo ukuqhakambisa umsebenzi wabo.
Lomncintiswano we Colour Your Plate with KOO wethulwa ngonyaka ka 2021 KOO uhambisana nomklomelo womfundaze wenani lika R5000 wamarandi wezinyanga enzingu-18, ngenhloso yokucija intsha kwezesayense yezokupheka kanye nokuthuthukisa ithalente lezokupheka eNingizimu Afrika.
U-Edna Mohale-Maphita, oyi Tiger Brands Marketing Director,ugcizelele ukubaluleka kokucijwa kwentsha kanye nokuthuthukiswa kwayo ukuze ifeze amaphupho ayo ngoba iyona ephethe okhiye bengomuso leNingizimu Afrika.