Uyaqhubeka umkhankaso wokusiza izisulu zomlilo ku Kennedy Road eThekwini

ISITHOMBE : Usihlalo we National Association of School Bodies uMnumzane Lungani Makhathini enikezela ngomfaniswano kumfundi wase Burnwood Secondary.

NKOSIE NTOMBELA

INational Association of School Governing Bodies(NASGB) ngaphansi kwesiyingi  uMlazi iqale uhlelo lokuxhumana nabantu olubizwa ngokuthi I  “Okwabantu-Kubantu”.Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukusiza izisulu ezakhahlamezeka ngesikhathi kokuqubuka komlilo  emijondolo yase Thekwini ku Kennedy Road lapho kwasha izindlu ezingu-600. 

Lomlilo owadlula nemphefumulo emibili  kwasha nezimpahla zabafundi abangu-143.

 Kwingxoxo abenayo uSihlalo weNASGB  eMlazi  uMnumzane Lungani Makhathini ubeke kabanzi ngokuthi bazohamba baze babebafishane beyisgungu baphinde bacele nakosomabhizinisi abakhele iTheku ekululeni isandla ukuze kusizakale izisulu zomlilo owaqubuka ku Kennedy Road

Khonamanjalo ithimba le NASGB libuye lanikezela ngokudla izimpahla zokuqgoka kanye nomfaniswano kubafundi abangu 100 okubalwa abafundi base Burnwood Secondary School nabase Seacow Lake Secondary.Nobuholi besifundazwe kwi National Association of School Gorvening Bodies balusukumele phezulu njengoba ezifikele bukhoma  uMnumzane Bongumusa Mnguni obonge ukuzimisela kwesiyingi sase Mlazi ngokuba nehlo ekulekeleleni lapho kudingeka khona usizo ngoba beyisigungu esibheke ukusebenza nokulawulwa kwezikole kuningi abazimisele ukukwenza besebenzisana nomphakathi kuphetha unobhala wesifundazwe sa Kwa Zulu Natal uBongumusa Mnguni.